IKHOMISHINI yezokhetho kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC), ithi ikulindele ukuthi kube khona abazokhononda ngokuthi ukhetho belungakhululekile.
Ngokusho kwekhomishini kujwayelekile ukuthi kukhalaze abasuke bekhale ngaphansi okhethweni.
UMnuz Masego Sheburi isikhulu sekhomishini, uthe njengoba sanda isibalo samaqembu angenela ukhetho, kugcina ngokuthi kukhethwe ambalwa azoya ePhalamende, naseziShayamthetho.
Echaza uSheburi ubeke kanje:“Okhethweni lwango-1999 angu-26 amaqembu angenela ukhetho. Njalo uma kunokhetho siyanda isibalo samaqembu angenela ukhetho kodwa ambalwa avotelwayo. Manje angu-370 abhalisele ukhetho kodwa uthola ukuthi angu-13 avotelwayo, okwenza abasuke bekhale ngaphansi bese bekhononda ngokuthi ukhetho belungakhululekile ngoba amaqembu abebewafuna engaphumelelanga.”
Uthe sebelulungele ukhetho wathi zingaphezu kuka-23 000 iziteshi zokuvota. USheburi uveze nokuthi kuneziteshi ezingomahamba nendlwana abazisebenzisa okwesikhashana.
Ubalule nokuthi abasuke bemele amaqembu ezikhungweni zokuvota basheshe bahambe uma bebona ukuthi izinto azihambi kahle.
“Uma sekuvotiwe, isikhungo siyavalwa bese siqala ukubala. Alikho iphepha eliphuma esikhungweni sokuvota lingabaliwe. Kodwa uthola ukuthi iqembu eliwinayo kugcina sekuba yilona elisayina ukugunyaza imiphumela yalesi sikhungo, amanye engasabonwa.”