SIKHUSHULIWE isabelomali sesikhwama esibhekele izidingo zeSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini neNdlunkulu kaZulu, njengoba iZulu Royal Household Trust (ZRHT) yabelwe u-R86.1 million kulo nyaka wezimali.
Lokhu kumenyezelwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ngesikhathi ethula isabelomali sehhovisi lakhe, izolo.
Ngonyaka odlule, iZRHT yabelwa u-R77.5 million.
Kunyuswa le mali nje, iZRHT isanda kuveza ukuthi senyukile isabalo sabantu abafakwe ohlwini lwabahlomula kulesi sikhwama.
IMbube isanda kwakha isigodlo esisha, eMashobeni, futhi kusanda kufakwa oNdlunkulu beNdlulamithi yamakhosi ohlwini lwabantu abahlomula esikhwameni.
UNtuli uthe inhloso yokunyuswa kwesabelomali ukuba benze isiqiniseko sokuthi baseseka ngokwanele iSilo neNdlunkulu.
UNtuli uthe iZRHT izoqhubeka nokuzama ukuthola izindlela zokwenza imali, ingagcini ngokuthembela emalini eyithola kuhulumeni.
"IZRHT izobheka amathuba kwezolimo iphinde ibambisane nezinkampani zikahulumeni ezisemkhakheni wezolimo."
UNtuli uthe maduze bazoqoka Ibhodi elisha leZRHT elizoqhuba izinhlelo zokwenza imali.
"Kasijabule ngesivinini oluhamba ngayo uhlelo lokuqhamuka nezinhlelo zokwenza imali. Sinethemba lokuthi ibhodi elisha lizofike lenze umehluko."
UNtuli uthe iZRHT ihlela umcimbi wokukhumbula umlando kaZulu.
"Umcimbi kuhlelwa ukuthi ube kuwona lo nyaka wezimali. Inhloso wukuqoqa imali."
Amalungu esiShayamthetho akwamukele ukunyuswa kwesabelomali seZRHT kodwa akhala ngokuthi lesi sikhwama siyahluleka namanje wukuqhamuka nezindlela zokuzenzela imali.
Ilungu le-IFP, uMnuz Blessed Gwala, lithe ukunyuswa kwesabelomali seZRHT kukhombisa ngokusobala ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal uyabuhlonipha ubuholi bomdabu.
Ilungu le-ANC, uMnuz Mthandeni Dlungwane, lithe iZRHT kufanele ishintshe ukwenza.
"Sikhathazekile ngokushaya ngonyawo lonwabu kwezinhlelo zeZRHT zokwenza imali."
Ilungu leNFP, UNksz Mbali Shinga, lithe iZRHT iyahluleka ukwenza umsebenzi eyawusungulelwa.
"Inhloso yokusungulwa kweZRHT kwakungukuthi yenze imali ezoqhuba izidingo zeNdlunkulu. Kuze kube manje konke lokhu akwenzeki."
Ilungu le-DA, uMnuz Tim Brauteseth, lithe isiphenduke iculo eyokuthi iZRHT kufanele iqale ukwenza imali.
"Lesi yisabelo esanele njengoba sizovumela iZRHT ukuba iqhube umsebenzi wayo okubalwa ukulungisa izigodlo. Kodwa ke sikhathazekile ngeZRHT. Sekuphele isikhathi eside kuculwa iculo lokuthi iZRHT kufanele iqale ukwenza imali. Kwaze kwakhishwa imali ewu-R3 million yokuba kuqalwe izinhlelo zokwenza imali kodwa kuze kube namhlanje kasiboni lutho. IZRHT isihlale isikhathi eside ingenalo ibhodi. Isebenza kanjani ingenalo ibhodi?"
Isabelomali seHhovisi likaNdunankulu (Ntuli) singu-R817.8 million.
UNtuli uthe bazogxila kakhulu ekuqinisekiseni ukuhanjiswa kwezidingo, ukulwa nodlame lwezobulili nenkohlakalo.
"IHhovisi likaNdunankulu linikezwe umsebenzi wokubheka ukusebenza kweminyango kahulumeni wesifundazwe. Sifisa ukuthi isabelomali silethe uzinzo kuhulumeni, sikwazi ukusheshe siphendule, ikakhulukazi njengoba sibuye sihlaselwe yizikhukhula kulesi sifundazwe."