UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo kuleli wenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi amaphepha ka-matric awaputshuki.
Lokhu kushiwo NguNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Angie Motshekga, izolo, ngesikhathi kunesithangami sabezindaba mayelana nokuthi ngabe umnyango usukulungele yini ukuqalwa kokubhalwa kwezivivinyo zika-matric eziqala namhlanje, ngephepha lesiNgisi.
"Kulo nyaka sinabafunda abangu-717 377 abazobe bebhala u-matric ebebefunda ngokugcwele, okusho ukuthi senyuke ngo-100 isibalo sabo uma beqhathaniswa nabebebhala nyakenye. Isibalo sabazifundela emakhaya naso senyuke ngo-13 000.
“Umnyango ukuhlelele ukuthi uma kungenzeka kucishe ugesi ngesikhathi abafundi bebhala izifundo zezobuchwepheshe izikole zinama-generator nama-laptops anawo amalahle. Uma kwenzeka kube nenkinga sinephepha lesibili elizobhalwa uma zonke izinhlelo ezihleliwe zingakunqandanga ukuphazamiseka," kusho yena.
UDkt Rufas Poliah obhekelele ukubhalwa kuka-matric kulo mnyango, uthe abafundi ababhala u-matric kulo nyaka ngabafundi abaphazamiseke befunda ngesikhathi kuhlasele iCovid-19, ukuhlala ngokuqhelelana obekuholela ekutheni bangayi esikoleni zonke izinsuku nokucishwa kukagesi ngehloso yokuwonga.
"Umnyango wenze izinhlelo eziningi zokubasiza ekutheni babuyise isikhathi esilahlekile. Saba nezinhlelo zokugaywa kwama-study guides angamaphepha natholakala online," kusho uPoliah.
Uthe nakuba engeke adalule okuningi mayelana nogaywa kwamaphepha nokuhanjiswa kwawo lapho ezogcinwa khona kodwa konke kumi ngomumo futhi umnyango unesiqiniseko sokuthi agadwe ngokwenele.
Khonamanjalo: UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, ube nomkhuleko kukhulekelwa abafundi bakulesi sifundazwe ukuthi babhale kahle, obuseThekwini Community Church (ECC), izolo.
UNkk Frazer uthe umnyango usukwenze konke ukulungiselela abafundi baka-matric ukuthi babhale kodwa abebekudinga ukuthi ngalolu suku bacele uNkulunkulu ukuthi nabafundi ngalesi sikhathi.
"Sinxusa abazali ukuthi banikeze abafundi isikhathi sokubuyekeza umsebenzi wabo wesikole nokuphumula ukuze bazilungiselele ukubhala. Imiphakathi okungenzeka ibe nezinkinga ezithile emiphakathini, siyacela ukuthi izikhalo zayo izibhekise kuleyo minyango ingabaphazamisi abafundi ngalesi sikhathi," kusho uNkk Frazer.
Uthe abafundi abazobhala u-matric eMkhanyakude ezikoleni ezikhahlanyezwe yisiphepho bahlelelwe izindawo ezilungele ukubhala abazobhala kuzo okungaba amanye amakilasi ezikoleni abafunda kuzo, amakilasi angomahamba-nendlwane noma ukuyobhalela kwezinye izikole.
UDkt Taki Dube wase-ECC, unxuse abafundi ukuthi bangazibukeli phansi izinto ezincane abazitshelwa abazali.
“Kuyenzeka ukuthi kungahambi ngendlela obuhlele ngayo, okumele ukwenze wena mfundi ukuzinikela, uzimisele, ungaziyekeleli, ngesikhathi wenza lokhu khumbula ukuthi uNkulunkulu ukhona,” kusho uMbhishobhi Dube.
USnokuhle Mweli ofunda u-matric eMafumbuka High, eMlaza, uthe usekulungele ukubhala yize enovalo ngoba u-matric iwona ozomvulela ithuba lokuqhubeka nezifundo zakhe.
UNosipho Mbatha ofunda u-matric eBonella High, uthe yena nozakwabo abazobhala u-matric kulesi sikole bayazethemba ukuthi bazophasa ngo-100% ngoba bebefunda ngokuzinikela.