SEKUZOSHESHA ukutholakala kwesitifiketi sika-matric esilahlekile noma esidukile njengoba sekunohlelo lokufaka isicelo sokuthola esinye isitifiketi kusetshenziswa uhlelo lwezobuchwepheshe.
Lokhu kuvezwe ngumkhandlu oqinisekisa izingabunjalo lemiphumela ka-matric, Umalusi oze nalolu hlelo oluzokwenza ukuthi umuntu athole isitiketi sakhe kungakapheli ngisho inyanga.
Okhulumela Umalusi uMnuz Biki Lepota, uthe bethule uhlelo olusha lokufaka isicelo sokuthola esinye isitifiketi esilahlekile noma esacekeleka phansi ngenxa yezizathu ezithile.
Uthe ngokwalolu hlelo i-Online Application System for Replacement Certificates, ungakwazi ukufaka isicelo usebenzisa iselula noma ikhompyutha.
“Sekuzothatha izinsuku ezimbili ukuthi uthole isitifiketi sakho ngokukhokha uR137 kuphela. Lesi sitifiketi ungazilandela sona emahhovisi ethu.
“Noma ungakhokha uR202, ohlanganisa uR137 wesitifiketi noR65 wokuthi ulethelwe isitifiketi yi-courier, ezinsukwini eziyisikhombisa. Ulethelwa ekhelini elizokhethwa nguwena,” kusho uLepota.
Uthe kodwa ulethelwa uma ikheli lakho likuleli kuphela hhayi emazweni angaphandle kanti lolu hlelo balutheze kwamanye amazwe.
“Kuyasisiza ukusebenzisana neminye imikhandlu ebhalisa izivivinyo, njengeKenya National Examinations Council (KNEC). EKenya banohlelo olufanayo abaqala ukulusebenzisa ngoJulayi 2018,” kuqhuba yena.
Uthe bayasebenzisana neminye imikhandlu yezivivinyo okubalwa owaseBotswana neminye.
Phambilini bekuthatha cishe amasonto acela kwayisithupha ngaphambi kokuthola isitifiketi esilahlekile noma esidukile.
Uma ufuna ukufaka isicelo sokuthola isitifiketi ungaya ku:www.umalusi.org.za.
Ofaka isicelo sokuthola esinye isitifiketi kumele afake imininingwane yokuthi u-matric wawuphasa nini, igama lakhe, isibongo nesikole afunda kusona.
Lo mkhandlu ukhipha izitifiketi zalabo ababhala iSenior Certificate neNational Senior Certificate, kusuka ngoSepthemba 1992.
Ababhala ngaphambi kuka-1992, bangafaka izicelo zabo emahhovisi omnyango wezemfundo kuleso sifundazwe kodwa isitifiketi asizogaywa Umalusi kodwa olunye uhlaka olwaluqinisekisa izingabunjalo likamatikuletsheni ngaleso sikhathi.