UMA kulwa izinkunzi bese eyodwa iyehlulwa ife ihlinzwe idliwe, isixhanti sayo sithunyelwa kumnikazi waleyo enqobile.
Uma umnikazi wayo kade engekho lapho okulwa khona izinkunzi uyathunyelelwa kuqinisekiswe ukuthi uyasithola.
Umbango wesikhundla sikandunankulu KwaZulu-Natal, ubukeka uzofana nowezinkunzi ezizobe zidudulana okhalweni kube khona eyodwa ehlulekayo bese kuthunyelwa isixhanti. Akwaziwa ukuthi iyiphi eyosala esitikini nokuthi ngobani abayodla isixhanti kodwa kubukeka kuzoba nzima.
Lokhu kucace ngesikhathi i-DA yethula uMnuz Christopher John Pappas, ukuthi izohlasela ngaye embangweni wesikhundla sikandunankulu wesifundazwe.
UPappas umenyezelwe nguMnuz John Steenhuisen ngokusemthethweni eThekwini kwachwaza inkundla.
Kucacile ukuthi uPappas unogazi eqenjini lakhe futhi bamethembile ngokuthi uzobazuzela amavoti. Zizobe zigawulwe zabekwa okhethweni lukazwelonke okulindeleke ukuthi lube ngonyaka ozayo.
Liyaphela ihlandla likahulumeni owawukhethwe ngo-2019 njengoba ngokomthetho kufanele uhlale iminyaka emihlanu ezintanjeni zombuso. Lokhu kusho ukuthi izikhulu ezazingene ngokhetho olwedlule zizophelelwa yisikhathi ngoMeyi wonyaka ozayo bese kuya ngokuthi ukhetho luzoba nini.
Ukuza kokhetho emaqenjini kusuke kufana nokuthi kuzongena udwendwe, kuba wubutatata kulungiswa ngoba indaba isuke inamavoti. Sekuqalile kubonakala iminyakazo yamaqembu azidlisa satshanyana kubantu ngenhloso yokuzincengela amavoti.
Kucacile ukuthi iqembu neqembu lizohlasela ngabantu elibethembayo esikhundleni sikandunankulu wesifundazwe. nakuba amanye amaqembu engabamemezeli abantu bawo kodwa i-DA yona isiwagijimele phambili futhi kuyabonakala ukuthi isigijima nawo umkhankaso wayo.
Kumanje isikhundla sikaNdunakulu wesifundazwe siphethwe nguNkk Nomusa Dube-Ncube ngokujutshwa yi-ANC futhi ungowokuqala wesifazane ukuphatha lesi sikhundla esifundazweni.
UNkk Dube-Ncube uthathe ihlandla seliphakathi ngemuva kokwesula kukaMnuz Sihle Zikalala ngesikhathi sezingquko emuva kwengqungquthela ye-ANC esifundazweni ngonyaka odlule.
Ukhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo lubukeka luzoba ngolwehluke kakhulu noluzoba nzima enhlanganweni ebusayo i-ANC. Kuyacaca ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal ihlalelwe wumqansa ongenyukwa mbongolo wokuphebeza izimbangi ezibonakala ziza kabi.
UPappas njengamanje uyiMeya kaMasipala uMngeni nokuyisikhundla asithathe ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021. Uzakhele ugazi ngokuba ngumuntu omhlophe osikhipha ngamakhala isiZulu futhi unconywa ngokusebenza ngokuzikhandla.
UPappas ungumuntu osemncane nokungase kube wukuthi mncane kunabo bonke abanga nabo lesi sikhundla sokuphatha isifundazwe.
Okuqaphelekile wukuthi uPappas uphakanyiselwe kwesikandunankulu nakuba ekhona umholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers. Ukuphakanyiswa kwakhe kubonakale kuyivukuza i-ANC, kwavela uphiko lwayo lwentsha lwahlela imashi.
Kumanje uhulumeni waKwaZulu-Natal uphethwe yi-ANC, eyanqoba ukhetho ngo-54.22% eyawuthola ngokhetho luka-2019. I-ANC yakhombisa ukwehla isuka ku-65.31% eyayiwuthole okhethweni luka-2014. I-ANC inezihlalo ezingu-44 kwezingu-80 eSishayamthetho sesifundazwe.
I-ANC ilandelwa yi-IFP ngemuva ngezihlalo ezingu-13 kanti i-DA ilele isithathu ngezihlalo ezingu-11, i-EFF isendaweni yesine ngezihlalo eziyisishiyagalombili, i-NFP inesisodwa. Konke lokhu kuchaza ukuthi alilikhulu kakhulu igebe phakathi kwe-ANC namaqembu aphikisayo abukeka ezimisele ngokuyiketula.
Okunye okungase kube nomthelela esimeni sepolitiki yesifundazwe, wukuvela kwe-ActionSA eholwa nguMnuz Zwakele Mncwango KwaZulu-Natal futhi obukeka engenisile. Akwaziwa noma uMncwango uzokwazi yini ukuthola amavoti.
I-ANC ayivamile ukumemezela umuntu ezohlasela ngaye esikhundleni sikandunankulu kodwa iyalinda inqobe ukhetho bese kuthathwa isinqumo. Kuvame ukuthi uma inqobe ukhetho ubuholi besifundazwe buthumele amagama amathathu aye ekomkhulu lenhlangano bese kukhethwa kuwona undunankulu.
I-IFP yona iyamemezela ukuthi igadla ngobani kwesikandunankulu, okhethweni olwedlule yayihlasela ngoMengameli wayo uMnuz Velenkosini Hlabisa kwesikandunankulu.
I-DA yahlasela ngoMncwango ngesikhathi eseyilungu layo engakafudukeli kwi-ActionSA asengusihlalo wayo manje.
Yini le engaka esesikhundleni sikandunankulu wesifundazwe?
UMthethosisekelo uveza ukuthi undunankulu wesifundazwe nguyena onamandla nosuke ephethe uhulumeni ngokubambisana namanye amalungu kahulumeni. Undunankulu usuke eyiso likamengameli wezwe abheke konke okwenzeka esifundazweni.
Kuvela ukuthi unamandla okuqinisekisa ukusebenza komthetho ekuphathweni kwesifundazwe. Ubheka ukusebenza kukahulumeni wesifundazwe neminyango yawo ehlukene.
Kusemandleni akhe undunankulu ukuqoka isigungu sakhe azosebenza naso futhi unegunya lokuthi abadilize ezikhundleni uma ebona kufanele. Undunankulu uqoka isgungu songqongqoshe abawu-10 baphathe iminyango ehlukene.
Isikhundla sikandunankulu asigcini nje ukuba namandla kodwa siza nemali nemihlomulo emihle kulowo osuke esiqhoqhobele. Imiqingo kahulumeni iveza ukuthi ondunankulu babekelwe umholo kaR 2 398 068 ngonyaka kanti kukhona nemihlomulo efana nokukhokhelwa izindleko zezempilo neminye.
Undunankulu unikwa abaqaphi abahamba naye yonke indawo lapho esebenza khona beqinisekisa ukuphepha kwakhe.
Uhlinzekwa nangomuzi woMbuso ohambisana nemihlomulo yomsebenzi wakhe. Isiyobanjwa ngesithele nayo kodwa khona ekugcineni kufanele isifundazwe sibe naye undunankulu okungaziwa ukuthi kuzoba nghubani.