ZIYETHEMBISA izingxoxo phakathi koMbuso nohlangothi olumele uMnuz Lungani Mthethwa (39) othweswe uMbuso icala lokubulala amantombazane amabili eKenville, eThekwini, ngonyaka owedlule.
Ukuthembisa kwezingxoxo phakathi kwalezi zinhlangothi kudalulwe omele uMbuso, uSenior State Advocate Krishen Shah ngesikhathi uMthethwa evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Usolwa ngokudubula abulale abangani ababili uNksz Anele Mbokazi (29) noNksz Zizipho Gabisa (30). Abafi batholwa emgwaqweni waseKenville, eThekwini ngo-Agasti 25.
Kwathi ngakusasa amaphoyisa ase ebopha abasolwa eSouth Beach emva kokulandela umkhondo kusetshenziswa iselula kaNksz Mbokazi. UShah usukume enkantolo watshela ijaji ukuthi sezifinyelela kuvuthondaba izingxoxo phakathi kwalezi zinhlangothi zombili.
Uthe ngokuzayo icala okungenani liyohlala isikhathi esiyimizuzu engamashumi ayisithupha ebese kuyagoqwa konke okuhlangenwe ngakho kuleli cala. Ekuqaleni uMthethwa wayekade eboshwe nomngani wakhe, uMnuz Sandile Chili (44) owagcina esechakida umngani wakhe ephenduka ufakazi woMbuso ngampela kwamlungela wawelela ngaphesheya.
UMthethwa phambilini kwahlaluka ukuthi wayephila impilo ewubukhazikhazi egabisa ngomcebo wakhe nasezinkundleni zokuxhumana. Kwahlaluka ukuthi imali eningi uyenza ngokuhweba enkundleni i-Forex.
Nayizolo izihlobo zabafi bezikhona enkantolo zizozibonela konke obekwenzeka.Phambilini imindeni yabafi yake yasola imizamo yokubambezela icala kubasolwa njengoba kwakungacaci ngommeli omele uMthethwa.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi ummeli uNksz Sibongile Khanyile, evela enkantolo ethi uthunywe nguMnuz Nyameka Jondwana ukuba azomela ikhasimende lakhe esho uMthethwa.
Ngaphambilini enkantolo kwakhe kwavela izindaba ezishaqisayo zokuthi nakuba engaphakathi esitokisini uMthethwa kodwa ikhadi lakhe lasebhange liyaqhubeka nokusebenza.
Lokhu kwavezwa yiMantshi u-Ashwin Singh. Ngesikhathi leli cala lisesigabeni sokuba senkantolo yeMantshi umphakathi ubujwayele ukufika ubhikishe ngaphandle uphethe izingqwembe ezinemibhalo eyehlukene.
USihlalo we-ANCWL eThekwini uNksz Gugu Sibiya waze wenza isibophezelo sokuthi bazoyeseka kuze kube yisekugcineni imindeni yabafi yomibili. UMthethwa ungene enkantolo eshaye ihembe likanokusho njengenjwayelo. Ungene ebhokisini wabheka phansi wabuye waqalaza ngemuva.