USUKULUNGELE ukuqala kwezivivinyo zika-matric uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uNkk Mbali Frazer, esithangamini sabezindaba izolo njengoba ngesonto elizayo kuyaqala ukubhalwa kwezivivinyo.
Bangu-193 779 abazobhala u-matric kulesi sifundazwe.
Kubona kubalwa abafundi abebefunda ngokugcwele nabebefunda ngasese.
UNkk Frazer uthe isifundazwe sinabafundi abaningi kunazo zonke izifundazwe zabazobhala.
Othisha abazobe beqaphe abafundi ngesikhathi bebhala, bangu-6 710, amagumbi okuzobe kubhalwa kuwo angu-6 343.
"Unyaka siwuqale sijabula ngenxa yokuthi isibalo sabafundi abaphase u-matric besenyukile nyakenye kodwa lokho besikwenza siqonda ukuthi abafundi bakulo nyaka kumele baphase ngaphezulu kwalokho.
Uthe uqala unyaka senza amasu okuthi abafundi bakulo nyaka baphase ngaphezulu kuka-83%, okuyisibalo sanyakenye. Amasu ebesisebenzela kuwo ngawokuthi baphase bonke abafundi abafunda u-matric kulo nyaka, uma sehlulekile ukwenza okungenani sithole u-85%, "kusho uNkk Frazer.
Uthe inhloso enkulu yomnyango wukuthi singabi khona isikole esizophasa ngo-40% kuya phansi.
"Zonke izifunda beziyingxenye yohlelo lokuzama ukuphucula izinga lokuphasa kulezo zikole. Isifunda Ugu kuphela ebesingeyona ingxenye yalokho ngoba kulesi sifunda asikho isikole ebesiphase ngo-40% kuya phansi.“
Uthe uMnyango ukuze ukhuphule ukuphasa kwabafundi kulo nyaka wenze uhlelo lokuthi abafundi bahlangane bafunde ngamaholidi asebusika nawasehlobo.
Emakilasini asebusika bangu-98 975 abafundi abebeyingxenye yawo, njengoba uMnyango ubuhlele izikhungo ezingu-1 001 obekufundwa kuzo.
"Abafundi bathole ithuba lokubuyekeza umsebenzi ndawonye, baxazulule izinkinga abanazo ezifanayo. Bekuba nothisha abazobasiza ekutheni baphendule imibuzo abanayo ngezifundo zabo.
Babuye banikwa amaphepha abhalwe eminyakeni eyedlule, ukuze babone ukuthi iphepha lokubhala liba njani nokuthi liphendulwa kanjani. Kukho konke esikwenzile siyakholwa wukuthi abafundi bethu bazophasa ngaphezulu kwabanyakenye."