ISIKHULU esiphezulu sebhange Ithala, uDkt Thulani Vilakazi, sithi phansi amaphaphu kubantu abalondoloza imali kuleli bhange nababolekwe yilona imali.
UVilakazi uthe ukumiswa kwelayisensi yaseThala akusho ukuthi imali yabantu izohamba noma kufanele bayoyikhipha ebhange kodwa isekhona.
UNksz Lungi Memela olondoloza imali yakhe eThala, eGreytown, utshele Isolezwe ukuthi umbiko we-FSCA umthusile ngoba ibhange lakhe alizange limazise okwenzekayo kodwa ufunde ephepheni ukuthi kunenkinga yelayisensi.
“Ngivuke ekuseni ngaya edolobheni ngiyobheka ukuthi ngabe imali yami iphephile yini. Okwamanje konke kusahamba kahle kodwa awukho umlayezo engiwutholile iThala. Ngibonga Isolezwe ngokulokhu lisazisa okwenzekayo,” kusho uNksz Memela.
UVilakazi uthe imiyalezo yokuchaza isimo bayithumele ngoMsombuluko.
Uthembise amakhasimende abo ukuthi imishwalense yawo ngeke iphazamiseke ngoba basazoyithola yonke imihlomulo yabo njengoba isifakwe ngaphansi kwe-Ithala Development and Finance Corporation (IDFC).
“Ngithanda ukuqinisekisa abantu baKwaZulu-Natal abalondoloza imali yabo eThala ukuthi iphephile futhi bazokwazi ukuyithola noma kunini uma beyidinga. Sikhiphe izaziso sichaza ngesimo esikhona emuva kwemibiko yangempelasonto yabezindaba.”
Ubuye waveza ukuthi okwamanje abakwazi ukuvula ama-akhawunti amasha.
“Ngiyaphinda futhi ukuthi one-akhawunti ebhange Ithala ngeke athikamezeke ndawo ngenxa yesimemezelo se-FSCA. Imali ikhona, umshwalense nayo yonke imihlomulo ayitholayo izoqhubeka. Izikhalo ze-FSCA ziyalungiswa. Sinikezwe kuze kube wu-Okthoba 28 ukuba sizilungise.”
Uthe Ithala alinazo izinkinga zezimali futhi umncwaningi mabhuku jikelele uwufakazi walokhu njengoba elinike umbiko ongenalo ugcobho.
Uveze ukuthi banenqwaba yamakhasimende athembele eThala, amanye ahola kulo, amanye alondoloze imali yawo kanti amanye abe ngamakhasimende emuva kokubolekwa imali yokwakha imizi, ukuthenga amakhumbi nokunye okuningi.