KUHLATSHWE ikhwelo emphakathini ukuthi ufake iso ezikoleni zingagqekezwa noma ziphenduke indawo yokudlalela izigebengu njengoba zizovalelwa amaholidi.
Leli khwelo lihlatshwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, othe bayakhathazeka njalo uma izikole zizovalwa isikhathi eside ngoba babuya sekukhona okonakele.
Uthe ngesikhathi zivaliwe ziphenduka inkundla yokudlalela yezigebengu.
“Sinxusa imiphakathi ukuthi isisize ifake iso izibheke izikole njengoba kuzovalwa. Siyakhathazeka njalo uma kumele kuvalwe isikhathi eside ngoba sibuye sekonakele.”
Uthe ukubambisana ikhona okuzosiza kule nkinga ababhekene nazo ngoba akuzona zonke izikole ezinonogada.
“Ngamaholidi ikakhulu kaDisemba, sibuya sekwagqekezwa kwathathwa izinto eziningi. Akuvikelwe impahla yezingane ukuze ngonyaka ozayo zikwazi ukuthola izinsiza ezishiywe abanye abafundi.”
Kuhlale kukhalwa ngobugebengu obuhlasela ezinye zezikole njengoba naKwaZulu-Natal, uNgqongqoshe wezeMfundo, uNkk Mbali Frazer, uke wakhala ngokugqekezwa kwezikole.
Izikole zigqekezwa kwebiwe amakhompyutha nezinye izinsiza zokufunda nokufundisa.
Kwesinye isikhathi kuze kwebiwe ukudla okuphekelwa abafundi kanjalo namabhodwe okuphekwa ngawo.
Umnyango usebenzisana namaphoyisa endawo ukuqapha izikole. Umnyango kazwelonke ubuye wanxusa abazali ukuthi baqikelele ukuthi abafundi babuyisa izincwadi.
Umyalezo okhishelwe abazali ubalule ukuthi abafundi abalahle izincwadi abazali kumele bangenelele.
“Izincwadi zokufunda kumele zibuyiswe uma sekuphela unyaka ukuze zikwazi ukusetshenziswa ngabanye abafundi ngonyaka olandelayo. Uma umfundi elahle incwadi umzali kumele abambe iqhaza ngokuthi ithengwe leyo ncwadi ukuze nabanye abafundi bakwazi ukuyisebenzisa ngonyaka olandelayo.”
Izikole zihlale ziyalelwa ukuthi zibe nohlelo lokuqoqa izincwadi ezisuke zikhishelwe abafundi.
Lokhu kwenziwa ukuze njalo ngonyaka kungathengwa izincwadi ezintsha, kunalokho kugcwaliselwe kulezo ezivele zikhona.