SICHITHIWE isicelo sebheyili sowayenguSomlomo kuMasipala wasoKhahlamba, uMnuz Sthembiso Zulu, emuva kokuvela eNkantolo yeMantshi eBergville ngoLwesine ngezinsolo zokudlwengula umfundi kaGrade 11.
Ngokobufakazi obuphambi kwenkantolo, uZulu usolwa ngokudlwengula umfundi ngoNovemba 19 nonyaka, eseHoffenthal. Udaba lwabikelwa amaphoyisa ase-Upper Tugela, ukuba aluphenye ngoNovemba 24.
Ngesikhathi umsolwa ezofaka isicelo sebheyili bekunamatshitshi abebhikisha ngaphandle kwenkantolo, ebuza ukuthi “uZulu uzowenzani amatshitshi”. Abephelezelwa ngezinye izintombi ebezigqoke izikibha zezinhlangano zepolitiki.
Khonamanjalo uZulu, obeyisikhulu sezemidlalo kumasipala, ubuye wamiswa emsebenzini.
Isolezwe ngeSonto linayo incwadi yokumiswa kukaZulu nayisayinele esesitokisini saseMnambithi. Kuvela ukuthi umsolwa kwakufanele ehlise umfundi eDabhane, kodwa wathi usahambisa omunye eDukuza.
Kusolwa ukuthi waphuca intombazane iselula maqede wathi ayizohlala ngaphambili maqede wayidlwengula.
Unina womfundi (49) uthe waqala ukusola ukuthi kukhona okungahambi kahle endodakazini yakhe ngoba isiyenza imikhuba ebingajwayele, izivalela nasindlini yodwa.
"Uyise waqala ukushaya amakhala ngesenzo sale ngane selokhu ibuye kumaSalga Games." Uthe umfundi wabikela udadewabo ngokumehlele ebuya kule midlalo. Unina womfundi uthe wabe eseqonda kosonhlalakahle kodwa bathi bazomlandela ngoba babesematasatasa.
Elandisa unina wentombazane uthe: "Ngathi sengifika nosonhlalakahle ngamfica umntanami esequlekile. Samthatha samphuthumisa emtholampilo waseDukuza, kodwa sadluliselwa esibhedlela sase-Emmaus. Yize ayesephapheme kodwa wasekhuluma into engaqondakali. Ngahlala naye ubusuku bonke," usho kanje.
Ikhansela laku-ward 4 kuMasipala wasoKhahlamba, uMnuz Philani Zwane, lithe sibaphathe kabi isigameko njengabahlali. Ekhuluma kwiNqubeko FM, usihlalo weNFP oKhahlamba futhi onguSomlomo, uCllr Zamlandela Khumalo nePhini leMeya, uCllr Nothile Shabalala we-ANC, bakugxekile ukudlwengulwa kwabantu besifazane futhi banxusa ukuthi konke kuyekelwe ezandleni zabomthetho.
UZulu uzobuyela enkantolo ngoLwesithathu ngoDisemba 7.