USEYIMENENJA yoMnyango wezobuCiko, amaSiko nokugcinwa kwamaGugu kuMasipala iKing Cetshwayo, eRichards Bay, uMntwana uThulani kaGqikazi, obekhulumela indlunkulu kaZulu.
UMntwana uThulani wasendlunkulu kaZulu, ungowendlu yaseZibindini kanti usondelene neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Usebenze kakhulu neSilo esidala uZwelithini kaBhekuzulu, kanti wayeqale umsebenzi ngo-2012, ephethe izindaba zokuxhumana. UMntwana uThulani wesule esikhundleni sokukhulumela indlunkulu ngonyaka odlule wathi ubona sengathi usesebenzile ucela ukushenxa. Isolezwe ngeSonto lihoshe ukuthi usekuMasipala, iKing Cetshwayo.
UMntwana uThulani usanda kubonakala ehleli nezikhulu komunye umcimbi kamasipala iKing Cetshwayo, obuseRichards Bay. Umkhandlu iKing Cetshwayo ubuswa yi-IFP ewuhlwithe ezandleni ze-ANC, ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya.
Ebuzwa ngalokhu uMntwana uThulani ukuqinisekisile ukuthi uphethe ezamasiko wathi yinto ayiqondisisa kahle ngoba ungowasendlunkulu.
“Yebo kunjalo kodwa angisona isikhulu ngiyiMenenja yezobuCiko, amaSiko nokugcinwa kwamagugu. Wumsebenzi ongenawo umehluko ongako futhi angiqhelile endlunkulu ngiyasebenza neNgonyama uma ingidinga, ngiyatholakala,’’ kuchaza uMntwana uThulani.
Isikhundla sokukhulumela indlunkulu ebesiphethwe nguMntwana uThulani, ubeqashwe wuhulumeni waKwaZulu-Natal. Indlunkulu kaZulu ibingakamemezeli ukuthi ngubani othatha isikhundla sokuba ngumkhululmeli wayo selokhu kuhambe uMntwana uThulani.
Khonamanjalo umbango wesihlalo seSilo awukapheli njengoba kulindeleke ukuthi udaba lungene eNkantolo eNkulu ePitoli ngoMeyi, nonyaka. Uhlangothi olweseka uMntwana uSimakade lusamile ekutheni nguyena ofanelwe wukuba yiSilo. Noma kunjalo, iSilo uMisuzulu kaZwelithini esihleli esihlaweni, siyaqhubeka nomsebenzi waso ngokwejwayelekile.