AMALUNGU esigungu esiphezulu se-ANC azotheleka eMpumalanga njengoba le nhlangano ilungisela umcimbi omkhulu, iJanuwari 8.
Amalungu esigungu esiphezulu azoba nomhlangano ngempelasonto, futhi abe nemicimbi eyahlukene lapho ezonxenxa abantu ukuthi bahambele iJanuwari 8.
IJanuwari 8 yakulo nyaka izoba seMbombela eMpumalanga, ngesonto elizayo.
Kulindeleke ukuthi siqale ukubonakala namhlanje isiphithiphithi esihambisana neJanuwari 8.
Lo mcimbi ujwayele ukuheha izimpunyela, ezihamba ngezimoto zohlobo oluphambili.
Izindawo zokuhlala nezobumnandi zijwayele ukugcwala uma sekuqala isiphithiphithi somcimbi.
Namhlanje uNobhala-jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uzoba nesithangami nabezindaba, lapho ezochaza khona ngamalungiselo omcimbi wangesonto elizayo.
Ukufika kwamalungu e-ANC eMpumalanga kushayisana nokuhambela kowayengumengameli wale nhlangano, uMnuz Jacob Zuma.
UZuma, okhankasela iqembu lezepolitiki elisha, uMkhonto weSizwe, uzobe eseMpumalanga, kusasa.
Uzohlangana namalungu oMkhonto weSizwe eMkhondo. Amalungu esigungu esiphezulu wona azobe ehlangene eMbombela.
Akhona amalungu e-ANC asejoyine uMkhonto weSizwe.
USihlalo we-ANC eMpumalanga, uMnuz Mandla Ndlovu, uthe wesaba ukuthi kungase kuqubuke udlame lwezepolitiki kulesi sifundazwe.
UNdlovu, obekhuluma nesiteshi sikamabonakude esikhokhelwayo, unxuse uZuma ukuba abuyekeze isinqumo sokushiya i-ANC.
“Nginxusa uZuma ukuba ayicabangisise kahle le ndaba. Nginxusa ukuba acabangele i-ANC, okuyinhlangano ayilwela kakhulu. Noma ngabe yini le emgqugquzela ukuba ashiye i-ANC, akayibhekisise. Akusiyo into emnandi ukulahlekelwa ngamalungu enhlangano asezingeni likaZuma.”
UNdlovu uthe kabakhathazekile ngokushiywa ngamalungu aqavile asejoyine uMkhonto weSizwe.
“Abanye babo ngesikhathi behlubuka kwi-ANC baya kwamanye amaqembu ezepolitiki. Manje sibabona sebejoyina leli qembu elisha. Lokhu kukukhombisa ukuthi bangabantu abahambe begxumagxuma.”
I-ANC yagcina ngo-2014 ukwenza iJanuwari 8 eMpumalanga.
UNdlovu uthe akakungabazi ukuthi bazokwazi ukugcwalisa iMbombela Stadium, emumatha abantu abangaphezu kuka-40 000.
Kulezi nsuku ezedlule uNdlovu ubekade ehlangana nezinhlaka zobuholi beqembu lapho ethole khona imibiko ngamalungiselo omcimbi.
“Engingakusho wukuthi inkundla izobe igcwele ithe phama. Izinhlaka zeqembu zisebenza ngokuzikhandla, zigqugquzela abantu ukuba baphume ngobuningi.”