ONGOTI bezamasiko bathi ukuchomelana kwezinsizwa nezintombi uma kunamacece yinto endala ebivele ikhona kodwa umehluko wukuthi umdlalo wendishi uyisimanje ngoba sekuphilwa ezweni lemali.
Udaba lomdlalo wendishi lube sematheni emuva kokuthi kudutshulwe kwabulawa usomabhizinisi, uMnuz Nkulukeko Mkhize (30) waseRichards Bay. UMkhize ubedume ngokungagodoli nemali emdlalweni wendishi, ashiye abantu bebabaza amagalelo akhe nobugwili.
Sekuvamile ukuthi uma kunomcimbi okungaba wumemulo, wumembeso, wumkhehlo neminye yesintu, kubonakale izinsizwa ezaziwayo zidlala umdlalo wendishi lapho kuqhudelwana khona ngezishaqane zemali. Kule micimbi kusuke kudlise nengqephu, izinsizwa nezintombi zibukisa ngezimpahla zekhethelo ezibizayo.
Okunye okuke kubonakale wukuthi zisuke zishiyana ngomshefezo nangezimoto zohlobo oluphambili okusuke kufike ngazo iziqumama. Kuba khona umuntu obekwayo obizwa ngomshawodi noma umphathi wohlelo aphathe umbhobho amemezele konke okwenzekayo.
Umshawodi uyamemeza ukuthi nayi insizwa ethile ngemali yayo ethile icela umuntu othile aphume phandle. Kuyothi uma lowo okhishwayo enayo imali aphikise ngengaphezulu naye noma izinsizwa zangakubo zimelekelele kuqhubeke kuphikiswane kanjalo.
Uma lowo okhishwayo njalo engenayo imali futhi engekho omzwelayo uyongena ehlazweni aqhomoloze emnyango kuze kuyophela umcimbi ehlekwa.
Imvama umcimbi ubanjelwa etendeni elikhulu lapho kuthe shaye abantu, izinsizwa nezintombi kusha ingoma kusinwa kubhuqwe kube njeyaya. Imvama kule micimbi imbiza isuke izwiwa ngothi kudliwa kuphuzwa. Kuvame ukubonakala nezimpunyela ezifika ngezindiza zigadwe yiviyo labaqaphi behlome beyizingovolo.
Eminye yale micimbi ithanyelwa ngisho wosaziwayo ikakhulukazi abaculi bakamaskandi nabasakazi nokubuye kwenze ibe nesasasa. Kuyaziwa ukuthi ukuklolodelana kudla lubi emculweni kamaskandi futhi abanye abalandeli bawuthandela khona lokho.
Ungoti wezamasiko waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (KZN), uDkt Gugu Mazibuko, uthi yinto ekhona nje ewumkhuba omuhle kulabo abawuthandayo
“Kusuke kwenziwa kakhulu uma kwembeswa umakoti bese beyamcola laba basemzini bekhombisa ukumemukela. Yinto ewumkhuba nje okhona ojwayelekile, kuba yizipho futhi akukho okubi ngakho,’’ kusho uDkt Mazibuko.
Uthe uma kwenzekile waba nesasasa umcimbi, kubhekwa olandelayo ukuthi kuzonyuswa izinga kakhulu kuqhudlewane kahle kube mnandi.
Omunye ungoti wezamasiko khona futhi e-UKZN, uSolwazi uSihawu Ngubane, uthe ubona sengathi lo mkhuba usubuye mawala manje, ugqanyiswa nawukuthi sekwaba nezobuchwepheshe nezinkundla zokuxhumana.
“Sekubonakala sengathi wumdlalo wezigwili zichomelana ngemali kakhulu manje, sekungenzeka kuhlambalazeke labo abahluphekayo. Into enhle wukuthi lowo owenze umcimbi uyahlomula ngoba yonke imali iba yisipho sakhe. Ngibona sengathi yinto enhle engenankinga ngoba akufi muntu,’’ kusho uNgubane.
Uthe yinto yakudala ukuthi emcimbini kudlalwe kuchonyelwane kube mnandi kodwa lokhu sekungokwesimanje, kugqamisa kakhulu imali. Uthe ukhathazeke ngokuthi labo abebenze umcimbi basala nemfumba yemali eningi okungase kubabeke engcupheni yezigebengu emuva komcimbi.
Omunye ungoti uSolwazi Jabulani Maphalala, uthe noma engawazi kahle umsuka womdlalo wendishi kodwa kwakuvele kuchonyelwana emcimbini kudala.
“Kuzwakala sengathi lokhu sekuyinto yamanje nje ewuhlobo olusha lokudlala. Kuqala bekuba wukuthi insizwa noma intombi esina kahle emcimbini bayikhe noma bayiphe into ethile. Bekuhlala kukhona ukuqhudelana okuhle okugqugquzela ubugagu bezintombi nezinsizwa,’’ kuchaza uMaphalala.