BANIKWE izinyanga ezintathu omasipala baseLimpopo ukuba beze nezinhlelo ezicacisa ukuthi bazobanika kanjani abantu balesiya sifundazwe amanzi ahlanzekile.
Kuleli sonto iKhomishini yamaLungelo aBantu, iSouth African Human Rights Commission (SAHRC), ikhiphe umbiko oveza ukuthi omasipala baseLimpopo bayahluleka ukunika abantu amanzi ahlanzekile.
Kubukeka sengathi inkinga yamanzi ikhungethe izigidi zabantu baseNingizimu Afrika, kwazise naKwaZulu-Natal kwatholakala okufanayo.
UKhomishana Philile Ntuli we-SAHRC, uthe eLimpopo ngisho kukhona amanzi emadamini kodwa omasipala bayahluleka ukuwadlulisela kubantu.
Uveze ukuthi siyancipha isibalo sabantu abathola amanzi ahlanzekile eLimpopo futhi omasipala abayikhiphi imali ezosiza emkhakheni wezamanzi.
UMnuz Peacemore Mhodi, obenza ucwaningo, uthe ngonyaka wezimali ka-2021/2022 omasipala baseLimpopo basebenzise u-R606 million belungisa ingqalasizinda yamanzi okuwu-1.8% wemali esuke ibekelwe ukwenza lo msebenzi.
Ukhale ngokuthi lokhu kusho ukuthi omasipala ababeki imali eyanele ukulungisa ingqalasizinda yamanzi nokuqinisekisa ukuthi abantu bathola amanzi ahlanzekile.
UMnuz Victor Madivhula oyiMenenja yeSAHRC eLimpopo, utshele omasipala ukuthi bafuna umbiko ogcwele oshoyo ukuthi bazobanika kanjani abantu amanzi ahlanzekile nokuthi bazoyilungisa kanjani ingqalasizinda yamanzi.
“Lo mbiko uyadingeka ezinyangeni ezintathu, sinqume izinyanga ezintathu ngoba izikhalo zabantu zibalulekile. Abantu beze kithina ngoba befuna kube nomnyakazo obonakalayo.
Siqale ucwaningo ngonyaka odlule, ngakho sifuna ukubona kwenziwa umsebenzi ofanele ukuze abantu bathole amanzi ahlanzekile okuphuza,” kusho uMadivhula.
Uxwayise omasipala abazowushaya indiva umyalelo wabo, ukuthi bazobafaka enkantolo ukuqinisekisa ukuthi banika abantu amanzi ahlanzekile.
Uveze ukuthi ngisho besenza ucwaningo, abanye omasiala bebengayivezi imininingwane efanele.
Uphethe ngokuthi bazosiqapha ngeso lokhozi isimo ukuqinisekisa ukuthi abantu bathola amanzi ahlanzekile.