Kulindeleke ukuthi avele ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi eNelspruit owesilisa (37) oboshwe ngezinsolo zokudala udlame emphakathini ngemibhalo ayenze ezinkundleni zokuxhumana.
Lona wesilisa uboshwe yithimba leSerious Organised Crime Investigation lisizwa yiCrime Intelligence ngemuva kokubhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi “alivalwe izwe futhi umengameli kumele akhishwe”.
Ngemuva kwalo mbhalo, amaphoyisa aqale uphenyo wase eboshwa ngokuphula umthetho i-Section 14 of the Cybercrimes Act 19 of 2020 othi: “Umuntu osebenzisa ubuchwepheshe ukuxhumana, ukuthumela omunye umyalezo noma iqoqo labantu noma umphakathi jikelele ngenhloso yokudala udlame emphakathini uzotholwa enecala.”
Inhloko yoKlebe ebambile eMpumalanga, uBrigadier Gregory Gaillard, ikushayele ihlombe ukuboshwe komsolwa.
“NjengoKlebe sizokuvikela ukuhlala kwabantu ezweni futhi sibophe noma wubani ophula umthetho ngaphandle kokusaba nokwenzelela.”