UKUSEBENZA kanzima kuthele izithelo ezinhle kuMandlenkosi Praise-God Mbatha (24) waKwaMzimela Special School, obhale izivivinyo zakhe zika-matric egula.
UMandlenkosi ngomunye wabafundi abayisikhombisa abamenywe wuNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo uNkk Angie Motshekga ukuthi bazodla naye isidlo sasekuseni, ePitoli ngoba benze kahle ezivivinyweni zabo zika-matric.
Uveze ukuthi uthole ucingo olumazisa ukuthi kufanele ayobona ungqongqoshe ngoDisemba 31.
UMandlenkosi, obekhuluma ngomlomo kayise, uMnuz Abner Mbatha, kuvele ukuthi uqede isikole eseneminyaka ewu-24 ngenxa yokugula.
UMbatha uthe bebengalindele ukuthi bazocelwa ukuthi baphelezele indodana yabo benomkakhe ukuya ePitoli. Kodwa bayakujabulela lokhu.
Uthe uMandlenkosi ukujabulele ukugibela ibhanoyi okokuqala empilweni yakhe futhi ujabuliswa nawukulala ehhotela.
UMbatha uthe ngesikhathi bethola ukuthi indodana yabo kayikwazi ukusebenzisa izandla zayo nokuthi kayikwazi ukukhuluma kahle kwakunzima kodwa bagcina bemukele.
“Bekunzima ukumkhulisa nokumtholela isikole esizokwazi ukumamukela, simfundise ngendlela adalwe ngayo. Uke wama ukufunda cishe izikhawu ezimbili ngoba ubegula kakhulu, engakwazi ngisho nokuvuka embhedeni. Kasizange sidikibale ngoba besazi ukuthi uyakuthanda ukufunda. Uthe uma esengcono waqhubeka wafunda yize ehlushwa wukugula. Usibuyisele ithemba lokuthi kakukho okungenzeki uma uzimisele,” kusho uMbatha.
Uthe indodana yakhe ifuna ukusungula inhlangano ezosiza izingane ezikhubazekile ukuthi zikwazi ukufunda.
UMandlenkosi bekungesiye yedwa omenywe wuNkk Motshekga ngoba noThobile Mathumbu noPhilile Prudence baKwaThinta School for the Deaf bebesePitoli.
UThobile noPrudence bathe bajabule ukubona ungqongqoshe futhi bahlela ukuba wothisha.