INkantolo eNkulu yasePitoli igwebe owesifazane waseGoli odilikajele abathathu ngamacala okubulala abesilisa ababili ayejola nabo nendodana yakhe.
UPamela Ncumisa Selani (47) wabulala amasoka akhe uMichael Changisa noGift waseMalawi kanjalo nendodana yakhe u-Avile Jonjwana.
Okhulumela iNPA eGauteng uLumka Mahanjana, uthe uphinde wathola neminyaka emihlanu ngokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Kuthiwa ngo-2016 uSelani wayethandana noChangisa ngesikhathi bexabana ngemuva kokuthola ukuthi umthelele ngengculazi.
"Ngemuva kwalokho wacela elinye lamasoka akhe uGift ukuthi limsize ukubulala uChangisa. UGift wabe eseya endlini uSelani ayehlala kuyo noChangisa wacasha egunjini lokugeza elinde uChangisa ukuthi alale. Ngesikhathi uChangisa eselele, uGift wamshaya ephindelela ngesando phambi kwezingane zikaSelani ezimbili ezincane. Ngemuva kwesigameko, uSelani noGift bangcwaba uChangisa egcekeni uGift wabe esehlala noSelani," kusho iNPA.
Ithe ngemuva konyaka, uSelani nendodana yakhe ena-17 u-Avile, bakha itulo lokubulala uGift ngoba wayehlukumeza.
Bamdlisa ushevu base befaka ikhanda lakhe emanzini waze wafa.
"Ngemuva kwalokho bangcwaba isidumbu sakhe ethuneni elingashoni ngaphezu kwesidumbu sikaChangisa," kusho uMahanjana.
Kuthiwa u-Avile wayecwile ezidakamizweni wazama ukuthi unina amkhokhele emsabisa ngokuthi uzomceba emaphoyiseni.
UMahanjana uthe ngobunye ubusuku, u-Avile waxosha unina nengane yakwabo encane kubo lapho abahamba bayohlala khona nelinye isoka likanina lasendaweni. USelani nendodana yakhe encane babuyela ekhaya bacasha egcekeni.
"Ngesikhathi benza njalo, u-Avile wabuya wayolala. Kwathi eselele uSelani wacela indodana yakhe encane ukuthi ingene endlini bese ivula isicabha. Ngemuva kwalokho uSelani wathatha isando washaya a u-Avile ekhanda ephindelela waze wafa wase emngcwaba phezu kwezidumbu zalaba abanye ababili egcekeni. Ngo-Agasti 2020 uSelani wathatha indodana yakhe encane (14) wayiyisa enyangeni ngoba yayingaphilile. Ngesikhathi bekhona umfana watshela umelaphi ngezigameko zokubulala. Umelaphi wabiza umholi womphakathi enza sengathi ubiza omunye umelaphi ukuze athole usizo. Ngesikhathi umholi efika indodana yagonyuluka ngodaba kumholi owabe esebiza amaphoyisa."
USelani nendodana baboshwa sebebuyela ekhaya. Amacala ayebhekene nendodana ahoxiswa ngoba yaphenduka ufakazi woMbuso.
USelani wawaphika amacala kodwa ufakazi wakwazi ukuchaza udaba ngale kongabazane.