USOBISHINI obengusomlomo kuMasipala uKhahlamba ngenxa yezinsolo zokuthi udlwengule umfundi kaGrade 11 eBergville. Unina womfundi (49) esingeke silidalule igama lakhe ukuvikela umgilwa, uthe ngoMgqibelo indodakazi yakhe ihlangabezane nomshophi ibuya kodlala inetball emidlalweni yokuhlungela amaSalga Games, e-Escourt.
"Ifike ekhaya ngangayizwa kwazise bengizikhathalele. Ngiyizwe kancane icela uvaselina ezinganeni zakubo. Zayibuza ukuthi kwenzekeni kodwa yangaziphendula. Ngakusasa ivuswe ngumngani wayo ukuba baye esontweni ngeSonto."
Uthe ingane yakhe ibuye esontweni yazivalela endlini. "NgoMsombuluko ibuye esikoleni maqede yazivalela ekamelweni lokulala. Uyise uqalile ukushaya amakhala ngesenzo sengane selokhu ibuye kumaSalga Games." Uthe umfundi ubikele udadewabo ngokumehlele ngesikhathi ebuya emidlalweni. Unina womfundi uthi uqonde kosonhlalakahle kodwa bathi bazomlandela ngoba basematasatasa.
"Ngathi sengifika nosonhlalakahle ngamfica umntanami esequlekile. Samthatha samphuthumisa emtholampilo waseDukuza kodwa sadluliselwa esibhedlela e-Emmaus. Yize ubesephapheme kodwa ubekhuluma into engaqondakali. Ngihlale naye ubusuku bonke bayizolo (ngoLwesine), saze sakhululwa namhlanje (ngoLwesihlanu). Yize sesibuya esibhedlela kodwa akakelulami kahle," kukhalaza unina womgilwa.
Ngokusho komthombo, umsolwa ubeqashwe ukuba athuthe izingane ezimele uMasipala wasoKhahlamba emidlalweni.
"Kuthe sekufanele ehlise lentombazane ngakubo eDabhane, wathi usahambisa enye yaseDukuza. Uzoyehlisa uma esebuya eDukuza. Sezehlile zonke izingane ube esephuca lentombazane ifoni maqede wathi ayizohlala ngaphambili. Yilapho ebeseyibamba eyidlwengula," kusho umthombo.
Ikhansela laku-ward 4 oKhahlamba, uMnuz Philani Zwane, livumile ukuthi linolwazi ngesigameko. "Mina ngithintwe ngomunye uthisha, ngabe sengazisa unina wengane," kusho uZwane, ezwakala ekhathazekile ngalo mshophi owehlele isakhamuzi sasendaweni.
Unina womfundi uthi kumkhathaze kakhulu okwehlele indodakazi yakhe kangangoba kusukela ezwile akuvumi ukuba adle.
"Mhlawumbe ngiyoze ngidle ngoba seyiboshiwe lendoda," kusho unina womgilwa. Uthe ingane yakhe beyimazi umsolwa ngenxa yokuthi wagesekhalendeni labasebenzi bakumasipala.
Esephetha uthe icala ulivule esteshini i-Upper Tugela, amaphoyisa kade ezombona emtholampilo ngoLwesine.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi umsolwa wasinda ngokulambisa ngomunye unyaka eselalelwe unyendle yizinkabi.