KUVELE amahlazo okuxhaswa kwezitshudeni esezashona, ezinezinombolo zomazisi ezingaveli eMnyangweni wezaseKhaya kanjalo nezitshudeni ezinemifundaze eminingi umbiko woMcwaningi mabhuku jikelele, othulwe ePhalamende uMnyango weMfundo ePhakeme.
Kulo mbiko kuvele nokuthi izinhlangano ezingaphansi koMnyango, amaSeta axhasa nezitshudeni ezineminyaka engaphezu kuka-65.
Zingu-172 izitshudeni ezifundiswa ngemali yamaSeta kodwa ngokwamarekhodi sezashona.
UNksz Zamahlangu Mditshwa, wehhovisi loMcwaningi mabhuku jikelele, udalule ukuthi bathole ukuthi lezi zitshudeni zaqhubeka nokukhishelwa imali noma zingasekho.
Uthe ngesikhathi bebheka imininingwane yazo eMnyangweni wezaseKhaya, bathola ukuthi sezashona.
“Le mali ithathwa njengeyalahleka ngoba kwakhokhelwa abantu asebeshonile. Enye yezinselelo ezibhekene noMnyango kuleli, yinkinga yezitshudeni ezithola imifundaze ehlukene. Uthola ukuthi isitshudeni sikhokhelwa yi-NSFAS siphinde sihlumole kuFunza Lushaka, umfundaze wabafundela ukuba ngothisha kuleli. Lokhu kwehlisa amathuba kwabanye angabe bathola usizo.”
Uthe bathole ukuthi zingu-1 904 izitshudeni ezihlomula kule mifundaze yomibili.
“Sithole ukuthi zingu-2 935 izitshudeni ezinezinombolo zomazisi ezingaveli eMnyangweni wezaseKhaya. Ngezinye zezinto okumele zibhekwe ngeso lokhozi.”
Uveze nokuthi kubafundi abangu-285 735 abaphothule izifundo zabo nyakenye, bangu-4 049 kuphela okuvela ukuthi bayasebenza.
“Ucwaningo esilwenzile sibheka nabakhokhelwa imali esikhwameni i-UIF, sithole ukuthi ezitshudenini eziphothule izifundo nyakenye, zimbalwa kakhulu ezisebenzayo. Lokhu kunyusa isibalo sentsha engasebenzi kuleli.”
Amalungu ekomiti lezemfundo ePhalamende afune ukwazi ukuthi ngabe kwaba nomkhonyovu ngokuxhaswa kwalabo omazisi babo abangaveli eMnyangweni wezaseKhaya noma kwaba nephutha ngesikhathi kuthathwa imininingwane yabo. UNksz Mditshwa uthe kudingeka kuthathelwe izinyathelo kuphinde kuphenywe labo ababefaka imininingwane yalabo abanomazisi abangaveli eMnyangweni wezaseKhaya ngoba akubanga ukuthi iphutha lokuphambanisa izinombolo.
Mayelana nokusizwa kwabaneminyaka eyevile ku-65 abangaphezu kuka-900, uthe kumele kube nemibandela ebekiwe yokusiza abantu abadala.
Uthe kumele kwesekwe abantu abasazokwazi ukusebenza, abaneminyaka ethile, hhayi abantu abadala.
UDkt Nkosinathi Sishi onguMqondisi Jikelele eMnyangweni, uthe bahlezi beyilandela yonke imibandela nemiyalelo yoMcwaningi mabhuku jikelele.
Uthe nalezi zinto akhale ngazo ocwaningweni lwakhe ngokwemali yoMnyango, bazozilungisa.