Sekube nokuthuthukiswa okukhulu kwimikhakha eyahlukahlukene. Abathweswe iziqu zokufunda abebevamise ukugijimela kwimikhakha ebinempumeleo phambilini sebezithola beswele imisebenzi.
Le mikhakha yentulelwa imisebenzi kodwa abantu abaningi abakakuboni lokhu, baqhubeka nokufundela iziqu esezifadalele. Izinto ezifana nobuchwepheshe obufaka i-inthanethi nomakhalekhukhwini besimanje ezinye zezinto ezehlise imikhakha ethize ngokwenza imisebenzi ibelula futhi isheshe.
Bona futhi lobu buchwepheshe kudala amathuba amaningi kweminye imikhakha yokusebenza. Umkhakha wezokuxhumana nokusakaza usuyingxenye ebalulekile yayo yonke imikhakha.
UMcDonald’s angeke ukwazi ukudayisa ukudla kanti noToyota anageke ukwazi ukudayisa imoto ngaphandle kosizo oluqhamuka kumkhakha wezokuxhumana nokusakaza. Kusukela kuzikhangisi zakumsakazo nomabonakude; ama-magazine, amabhodi okukhangisa, kanye namakhasi aku-inthanethi akuvumela ukuba ukwazi ukubona umkhiqizo wakho kahle.
Eminye yemikhakha ejabulisayo neqhubekayo nokukhula kumkhakha wezokuxhumana nokusakaza kubalwa kuyona:
Umkhakha womculo ohlanganisa iMusic production neSound Technology, iDJ ne-Radio Production (ukusakaza).
Umkhakha wezamafilimu nomabonakude ohlanganisa kuwona amafilimu nezinhlelo zakumabonakude, ukubhala imibhalo yokulingisa, i-Animation, i-Special Effects, nokulingisa.
Umkhakha wezokumaketha noMklamo osugxile kakhulu kukumaketha ngezobchwepheshe kanye nezinkundla zokuxhumana. Lo mkhakha uphinda ufake nomklamo okubalwa khona ukwakha amakhasi e-inthanethi kanye nokusika ingqephu.
Umkhakha wezokuxhumana uxhumene ngqo nomkhakah wezokusakaza okubalwa kuwona i-Photography (ukuthwebula izithombe) nobuntatheli.
ICreative Arts College ifundisa izifundo ezigunyaziwe zomkhakha wezokuxhumana nokusakaza okuvumela abafundi ukuba bekwazi ukuxhumana ngokuhlukana kwezifundo zabo njengoba kwenzeka nasemsebenzini. Lokhu kunikeza abathweswe iziqu zaseCreative Arts College inzuzo kunabanye.
Umfundi onentshisekelo uyagqugquzelwa ukuba abhalisele ukuzofunda eCreative Arts College ngokushehsa; Isikhala silinganisiwe ngenxa yokuthandwa kwezifundo. Buza ngama-“Signature Programmes” akhelwe ukukunikeza inzuzo ngokwandisa amakhono akho. Shayela kule nombolo 0861 086 086 noma 0815891088 noma usithumele i-email [email protected] ukuthola eminye imininingwane
#Isikhangiso Mfundi kamatiluletsheni, ngicela qaphele @CreativeArtsCol pic.twitter.com/Sq8BCnvzLB
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) January 18, 2022