OKHANKASELA ukungena esikhundleni sokuba ngemengameli we-ANC, uDkt Zweli Mkhize, uthi kufanele ilungiswe ngokushesha inkinga kagesi noma kushenxe abaphethe i-Eskom.
UMkhize osesigungwini esiphezulu se-ANC, usho kanje engxoxweni ekhethekile abenayo neSolezwe ngeSonto, eLa Lucia, eThekwini.
UMkhize odabuka eWillowfountein, eMgungundlovu, uchaze kabanzi ngezinhlelo anazo nge-ANC uma engase akhethelwe kwesikamengameli.
Ukhuluma kanjena nje, izwe libhekene nenkinga yokucinywa kukagesi izikhawu ngenhloso yokuwonga futhi kubukeka isibacike kakhulu abantu. UMkhize oseyinkunzi eluvava kwezobuholi, uke waba ngumgcinimafa-jikelele we-ANC kanti usephathe ezigabeni ezehlukene kuhulumeni.
UMkhize uphakanyiswe amagatsha e-ANC ukuthi angenele umjaho engqungqutheleni yobuholi eNasrec, ngoDisemba. Umkhankaso wakhe ubonakale ushuba ngesikhathi i-ANC eKZN, imemezela ukuthi iyameseka kwesikamengameli. UMkhize owayibamba ishisa ophikweni, Umkhonto Wesizwe, uthi unethemba lokuthi i-ANC isenalo ithuba lokunqoba ukhetho kodwa kufanele ilungise izinkinga.
“Aliphume ikhambi lenkinga yokucima kukagesi, kufanele sibe nabantu abafanele futhi abazi umsebenzi. Abakhona uma behluleka akufunwe abanye. Ababekhona phambilini bakhishwa ngenxa yezinsolo zenkohlakalo kodwa ukucima kukagesi kangaka kwakungekho,’’ kuchaza uMkhize, oke waba wungqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke.
UMkhize owake waba wundunankulu waseKZN, uthe i-ANC iseyithemba labantu futhi izobuyela emandleni ngo-2024. Uthe kufanele ibuyele kubantu izithobe, kuphele indaba yobuqembuqembu ngaphakathi kuyona.
“Asiliphonsile ithawula ngokhetho futhi ngeke sithi sisemseni wabathile. Cha, sisemseni wabantu abasivotelayo. Kufanele sibacele abantu ukuthi bazi ukuthi kuningi okusafanele sikulungise,’’ kuchaza uMkhize.
Ukhale ngezinto ezinjengobugebengu, ukungaqashwa kwabantu nokunye okuningi athe uKhongolose kusafanele akulungise. Uthe ukholwa wukuthi kufanele kuphele ukukhuluma kodwa i-ANC yenze izinto ezifunwa ngabantu ukuze kubuye ukuyethembe. Uqhube wathi ukholwa wukuthi amagatsha afuna yena ngoba emethemba ebona ukuthi angawenza umsebenzi wokuhola i-ANC.