LIDLULISELWE ethimbeni lamaphoyisa aphenya amacala okubulawa kosopolitiki elokubulawa kukaMntwana uMuntukaphiwana Mbongiseni Milton Zulu (63), obesondelene neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UMntwana waseNdlunkulu udutshulwe, wabulawa ngoLwesine ntambama KwaNongoma, ehamba nomqaphi wakhe naye oshonile. Kuthiwa bahlaselwe ngabantu abangaziwa abavulele ngenhlamvu bebhekise kubona.
UMntwana ubulawa nje, unguSotswebhu kuMasipala iZululand, ngokujutshwa yi-IFP abeyilungu layo lokuqina. Phambilini umufi uke waba yilungu lePhalamende ejutshwe yiyona i-IFP.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi udaba lokubulawa kukaMntwana ludluliselwe ethimbeni lezepolitiki, lokhu kuqinisekiswe ngokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker.
Ukusocongwa kukaMntwana kudale uvalo ngoba kunezinsolo zokuthi usocongwe ngoba esondelene neSilo uMisuzulu.
Umntwana ubesondelene neMbube eyisiza ezintweni eziningi, ugqame ngenyanga edlule ngesikhathi kunomcimbi wokunikezwa kweSilo isitifiketi eThekwini. Ukusocongwa kwakhe kulandela ukubulawa ngesihluku kukaDkt Dumisani Blasius Khumalo, obeyinduna yomkhandlu wasoSuthu, esondelene neSilo. Kuthe kulungiselwa umcimbi wokunikwa kweSilo isitifiketi, kwadutshulwa, kwabulwa induna yasoSuthu, uMnuz Maphemba Cuphisa Ntuli nayo ebiseka iSilo.
UNtuli wabulwa namanye amadoda amathathu ngesikhathi benomhlangano eMhambuma, KwaNonongoma.
Isolezwe ngeSonto lisanda kubika ngokugagaziswa ngenhlamvu koMntwana uNdabuko Zulu wendlu yasoNkweni, kodwa ohlala endlini yaKwaKhiphinkunzi eNewcastle. UMntwana uNdabuko uyiPhini likaNobhala we-IFP esifundeni iMajuba, futhi ukulabo abeseka iSilo esibusayo.
Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani kaGqikazi, uthe kubuhlungu okubehlele futhi ukuhamba kukamufi, kubashayisa ngovalo ngoba abazi ukuthi kusukelaphi.
UMntwana uThulani usondelene neSilo esibusayo futhi wasebenza kakhulu neSilo esidala uZwelithini kaBhezukulu.
UNdunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi uthe iSilo nendlunkulu yonke bashaqekile ngokubulawa komntwana. UShenge uthe umufi umazi njengesihlobo sakhe futhi bazana ngoba usebenze kakhulu ePhalamende, emele i-IFP.