KUBE usuku olwehlukile kwabesifazane abahlala ezindaweni zasemakhaya ezakhele uNongoma becijwa ngolwazi ngosuku lokubungaza imbokodo yasemakhaya emhlabeni wonke. Umcimbi i-International Rural Women's Day ubusehholo lomphakathi Emanqeleni namhlanje nalapho bekukhona uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube. Emcimbini kudingidwe ngezomnotho, ezempilo, ezomthetho nenhlalo yabesifazane ezindaweni zasemakhaya.
UNkk Dube-Ncube uthe ingqikithi yalolu suku lwanamuhla ukwakha izinhlelo zokuthuthukisa abantu besifazane ezindaweni ezisemakhaya ukuze nabo babambe iqhaza elibafanele ekwakhiweni kwezwe lakithi.
" Esikubukela eduze ngalolu suku, ukubacijisa nokubahlangabeza ezinhlelweni zokuba balime, bakhiqize ukudla okuzophilisa bona nemindeni yabo, futhi bakwazi nokuhweba, benze inzuzo.
Namhlanje kasizile lapha ukuzokhuluma ngezicagogwana, kepha sizothi komama basemakhaya sesifikile isikhathi sokuba nibambe iqhaza emnothweni wezwe ngokwezolimo," kusho uNkk Dube-Ncube
UNdunankulu uveze ukuthi kuyabathokozisa kakhulu nokuqiniswa kwezomthetho kule ndawo njengoba kuzoba nesiteshi samaphoyisa.
" Kuyajabulisa ukuthi abaphathi beSouth African Police Service basiqinisekisa ukuthi i-ward 17 izoba nesiteshi samaphoyisa. Lokhu kuzosho ukuthi abantu besifazane basondezelwe usizo lwezokuphepha nokubika amacala," kusho uNkk Dube-Ncube.