UBEKWE okwesikhashana ezandleni zamanyuvesi kuleli umsebenzi wokukhokha imihlomulo yezitshudeni ezixhaswe yisikhwama sezimali iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).
Lokhu kuvezwe yisitatimende esikhishwe yilesi sikhwama esiveze ukuthi lo msebenzi unikwe lezi zikhungo ukuthi zikhokhele izitshudeni le mihlomulo kusuka ngenyanga edlule uFebhuwari kuze kube ile nyanga, uMashi.
Isitatimende sithe lokhu kwenziwe ngenxa yezinselelo ezibekhona ekuqaleni konyaka ezibambezele ukukhokhelwa kwezitshudeni ngenxa yokuthi kunemininingwane amanyuvesi abengakayihambisi kwiNSFAS.
“Amanyuvesi anikwe izinyanga ezimbili (Febhuwari noMashi) ukukhokha le mihlomulo, ngo-Ephreli 2024 kuzobe sekubuyela izinkampani ezine ebezenza lo msebenzi nyakenye. Lezi zinkampani zizobe zikhokhela ngqo izitshudeni le mihlomulo kusuka ngenyanga ezayo,” kusho iNSFAS.
Lesi sikhwama sithe izitshudeni zasemanyuvesi zikhokhelwe ekupheleni kwenyanga edlule uFebhuwari, sathi ezasemakolishi amakhono zizokhokhelwa ngoMashi 6, 2024.
“Sinxusa izitshudeni ukuthi zibambisane nezikhungo ukuze kungabi nokuphazamiseka ekukhokhweni kwale mihlomulo. Izikhungo zinxuswa ukuthi ziqhubeke nokunikeza lesi sikhwama imininingwane yezitshudeni.”
Lesi sikhwama sinxuse izikhungo ukuthi zixhumane nezisebenzi zalesi sikhwama ezijutshwe ezikhungweni ezehlukene.
Emhlanganweni wekomiti lemfundo ephakeme ePhalamende ngoLwesithathu, amalungu abuze ukuthi kungani kuzoqhubeka lezi zinkampani ezine ukukhokha le mihlomulo ekubeni umbiko wethimba labameli abenza uphenyo, baphakamisa ukuthi kumele ziphucwe lo msebenzi.
UMqondisi jikelele eMnyangweni weMfundo ePhakeme nokuQeqesha uDkt Nkosinathi Sishi, uveze ukuthi zikhona izinhlelo zokuthi lezi zinkampani ziphucwe umsebenzi
Uthe ngokomthetho awumane nje uvuke unqamule inkontileka ngoba kusuke kunezinto ezithinta umthetho.
USishi uveze ukuthi izikhungo zikujabulele ukuthi kubuyiselwe kuzona uhlelo lokuthi zikhokhe imihlomulo njengoba zazingafuni phambilini ukuphucwa leli qatha.
“Lezi zikhungo zazingafuni ukuphucwa umsebenzi wokukhokha imihlomulo nokukhokha imali yezindawo zokuhlala kwasekuqaleni ngakho ziyajabula ukuthi zibuyiselwe okwesikhashana ukuthi ziwenze. Ngihlanganile nenhlangano emele abaphathi bamanyuvesi i-Usaf, yavuma ukuthi izowenza ngempumelelo umsebenzi wokukhokha imihlomulo.”
USishi uthe uyazi ukuthi iNSFAS ibisafuna umbono wezomthetho ngokunqanyulwa kwezinkontileka zalezi zinkampani wathi lokhu isikwenzile ngakho ekugcineni izinkontileka zizonqanyulwa.
“Esingakufuni ngukuthi kuphazamiseke ukukhokhwa kwemihlomulo yezitshudeni. Yingakho sibuyisele ezikhungweni ukuthi zilwenze lolu hlelo ukuze izitshudeni zingalindi umlibe ,” kusho uSishi.
Izitshudeni ezikhungweni ezehlukene okubalwa i-UKZN ne-DUT zibe nombhikisho zikhala ngokucotha kohlelo lokukhokhwa kwemihlomulo okuhlanganisa nezinkinga ngohlelo lweNSFAS nezindawo zokuhlala kulabo abaxhaswayo.