KUBAVULE amehlo abafundi basezikoleni zaKwaMashu, eThekwini, ukuhambela isiteshi samaphoyisa akule ndawo, iNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma nejele iWestville ngeledlule.
Uhambo obeluya kulezi zindawo luphumelele ngokubambisana ngohlelo iChange Is Possible lwamaphoyisa endawo abebambisene nothisha bezikole eziyakhele.
Ngokusho koseqhulwini lokudidiyela lolu hlelo, uConstable Sandesh Magubane sekunesikhathi benomkhankaso wokuhambela izikole, beqwashisa ngobugebengu.
Uthe lokhu bakwenza njengeminye yemizamo yokulwa nobugebengu emphakathini kwazise kuye kwenzeke zibe khona izigameko zobugebengu nobudlova ezikoleni.
Elandisa uthe, babone ukuhambela kwabo izikole beyokhuluma nabafundi ngobugebengu kungayikhiphi kahle imiphumela abayifunayo.
Wathi babe sebeqoka ukuthi babathathe abafundi babahambise ezindaweni eziyimigudu ehanjwa izephulamthetho uma seziboshiwe.
“Sibalethe esiteshini saKwaMashu, ukuze babone ukuthi uma amaphoyisa ebopha isigebengu, asiqalisaphi. Sibayise ezitokisini zasesiteshini lapho befike bashaqeka khona bebona ukuthi indlu encane ikhona la umuntu aphinde alale khona,” kusho uConst Magubane.
Uqhube wathi badlulele enkantolo beyobona ukuthi kwenzekani uma isigebengu sesivela ngesikhathi kuqala ukuqulwa kwecala kuze kuba kuyaphothulwa.
“Siyivale ejele iWestville lapho befike babona khona ukuthi iziboshwa ikakhulukazi lezo eziyizingane ezineminyaka esuka ko-14 kuya phezulu zihlala kanjani,” kusho uConst Magubane.
Uqhube wathi, ejele abafundi babuye bahlelelwa ukuthi baboniswe esinye isiboshwa esiyingane, baphinde bayalwa esinye esasinguthisha kodwa senza icala elagcina lisiyisa ekhulukuthu.
Zombili kuthiwa bezibatshela abafundi ukuthi impilo inzima kangakanani ejele yikho kufanele bangazihlanganisi nobugebengu.
Uveze ukuthi kuzo zonke izindawo abazihambele bebemukelwa izikhulu zakhona, ebeziba nengxoxo nabo, zibachazele ngokwenzekayo uma isigebengu sidlula emigudwini yakulezi zindawo.
“Inhlosonqangi ukulwa nobugebengu emphakathini kanti futhi enye eyokuthi sibakhombise ukuthi zikhona izingane eziboshwayo, bangacabangi ukuthi uma uyingane unelungelo lokwenza ubugebengu uthembe ukuthi ngeke uboshwe,” kuchaza yena.
Uthe abafundi baluthakasele uhambo, babubuka ngelinye iso ubugebengu, wathi banethemba lokuthi lokhu kuzokwenza umehluko ekuziphatheni kwabo kusukela manje.
Uthe zingu-34 izikole abazifake ohlelweni lokuqwashisa ngobugebengu, wathi kuzona kukhona eziyisishiyagalolunye zamabanga aphezulu, okuyizo abahambe nazo.
Uthe kulolu hambo lokuqala, nathe banethemba lokuthi seluyinto ezohlale yenzeka njalo ngonyaka, bebethathe abafundi abangu-47.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthe izikole zibhekene nenkinga yesihlava sezehlakalo zobugebengu.
“Kudingeka khona ukuthi sibambisane ukuze sinqobe. Uma kuzohlangana amaphoyisa, amajele nezinye izinhlaka zomphakathi, kuyasiza ngoba sifuna ukubanqanda bengakazibandakanyi nobugebengu,” kusho uMahlambi, othe bengumnyango basebenzisana ngokubambisana ezinhlelweni ezifana nalezi futhi bazoqhubeka nakho.