KWENZEKE okuvamile kuhlehla icala lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene nowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, kuqubuka omunye umdonsiswano.
Icala lihlehlele inyanga ezayo emva kokuthi abameli bakaZuma bevuke inja ebomvu, baphonsela inselelo isinqumo seJaji uNkosinathi Chili, sokungabanikezi izizathu zokuchitha isicelo sabo sokuba kushenxe umshushisi omkhulu ecaleni, u-Advocate Billy Downer.
UChili wachitha isicelo sikaZuma ngasekuqaleni konyaka, wabe esethi izizathu zokuchitha isicelo uyozihlinzeka mhla esekhipha isinqumo ecaleni.
Ummeli kaZuma, u-Advocate Dali Mpofu, uthe ngeke bakwazi ukuqhubeka nokuqula icala bengakazitholi izizathu ezenza ukuthi kuchithwe isicelo sabo.
"Sifisa ukusidlulisela phambili isinqumo senkantolo. Asikwazi ukusidlulisela phambili isinqumo uma singenazo izizathu zokuchithwa kwaso."
Kuke kwaphakama imimoya ngesikhathi abameli bakaZuma noMbuso bedonsisana ngodaba lokuqulwa kwaleli cala.
Kube nomzuzu lapho khona uMpofu egane khona unwabu, ekhala ngokubukelwa phansi nguDowner.
Indaba iqale ngesikhathi uDowner etshela uMpofu ukuthi angamphazamisi uma ekhuluma.
“Angizanga lapha enkantolo ukuba ngizohlukunyezwa uDowner. Nginelungelo lokusukuma, ngizwakalise ukungahambisani kwami naye uma enza into engavumelekile.”
UChili ukuhlehlisele uSeptemba 11 ukulalelwa kwecala, lapho khona ezokwethula izizathu zakhe zokuchitha isicelo sokuba kushenxe uDowner.
Lona umzamo kaZuma wesibili wokushenxisa uDowner.
Isicelo sokuqala wasifaka ekhala ngokuthi uDowner uchemile, nokho sachithwa lesi sicelo.
Waphinde wafaka isicelo sesibili ekhala ngokuthi uDowner uphule umthetho ngokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo olumayelana nokugula kwakhe.
Naso lesi sicelo sachithwa, uZuma wazama nokuzishushisela uDowner mathupha, nalo leli cala lachithwa.
Ecaleni lenkohlakalo, uZuma umangalelwe nenkampani yezikhali yaseFrance, iThales.
UZuma usolwa ngokuthola intshontsho ngesikhathi elakuleli lithenga izikhali.
Izolo, uZuma utshele abebezomeseka enkantolo ukuthi ubhecwa ngobende inyama engayidlanga.
Uthe ngesikhathi kuthengwa izikhali wayengeyona ingxenye kahulumeni kazwelonke njengoba ayengumphathiswa lapha KwaZulu-Natal.