UKUTHETHWA kwecala lika-Onthatile Sebati okuthiwa wayeneminyaka engu-16 kuphela ngesikhathi ethenga izinkabi ukuthi zibulale ngesihluku abazali bakhe nezingane zakwabo, kulindeleke ukuthi kuqhubeke kusasa.Izolo, u-Onthatile uvele eNkantolo eNkulu yasePitoli, nezinkabi zandawonye okuthiwa wazithenga, oKagiso noTumelo Mokone.
Ukuthethwa kwecala kuhlehliswe ngoba uTumelo ubengenaye ummeli.Inkantolo izwe ukuthi uTumelo akamkhokhelanga ummeli wakhe, yingakho engazange eze enkantolo.
NgoJanuwari nonyaka, laba bobathathu banikezwe ibheyili kaR10 000. Izelamani zakwaMokone kuthiwa zayikhokha eyazo ibheyili kodwa u-Onthatile yena wasala esitokisini njengoba kungazange kufike muntu ukuzomkhokhela eyakhe ibheyili.
Laba bobathathu babhekene namacala amane okubulala, ukubamba inkunzi, ukutholwa nezibhamu nezinhlamvu kanjalo nokweba.
Isigameko kuthiwa senzeka ngo-2016, ngesikhathi u-Onthatile eneminyaka engu-16 endaweni yaseMmakau, eNorth West. Uyise, uConstable Sello Sebati kuthiwa wayesebenza esiteshini samaphoyisa iHebron.
Phambilini, okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) eGoli, uLumka Mahanjana, wathi u-Onthatile kwaba nguye yedwa owasinda ngesikhathi umndeni wakhe uqotshwa ngenhlamvu.
“Kuthiwa uOnthatile Sebati wahamba waya ngaphandle eyochitha amanzi wezwa kuqhuma isibhamu ngaphakathi endlini. Uyise (42), unina (40), udadewabo owayekhulelwe (19) nomfowabo (6), bonke badutshulwa bafa,” kusho uMahanjana.
Ngokusho kwamaphoyisa, u-Onthatile wathi wagijima wayobheka endlini ukuthi kwenzekani kodwa abasolwa bamdubula ethangeni ngaphambi kokuthi bakhale amaphepha ngemoto yomndeni iChrysler Voyager.
Kuthiwa wabe esazisa omakhelwane ngesigameko, bona bazisa amaphoyisa. Kuthiwa amaphoyisa athola izidumbu zomndeni ka-Onthatile zilele exhaphozini legazi.
Ingane engakazalwa kadadewabo ka-Onthatile okuthiwa wayenezinyanga eziyisikhombisa ekhulelwe, nayo yafa kulesi sigameko.
Imoto abasolwa ababaleka ngayo yatholwa ishiywe kanjalo esikhotheni esikhona endaweni yaseMmakau.
U-Onthatile nezalamani zombili baboshwa ngoDisemba 2021, emva kokuthi ezinikele emphoyiseni, wafike wavuma icala lokuthi nguye owayehlele ukubulawa kwamalungu omndeni wakhe.