KUZOSIZAKALA abafelokazi nezintandane eziphethe amakhaya eZululand ngokusungulwa kwenhlangano okuhloswe ngayo ukusiza abahlwempu.
Lokhu kuvele ngoLwesihlanu eVryheid ngesikhathi indodakazi yomholi we-IFP yethula iMaphisa Foundation ezogxila ekufukuleni imindeni ehlwempu yasemakhaya aseZululand.
Phakathi kwezinto ezolekelela ngazo, wukwakhela abaswele imizi nokufundisa izingane ezingakwazi ukuqhubeka nesikole ngenxa yokuswela nokungabi nabani.
UNkk Nonkululeko Nkwanyana-Maphisa, oyindodakazi kaMnuz Sbu Nkwanyana we-IFP, uthe wayefisa ukwethula inhlangano yakhe ngonyaka odlule kodwa waphazanyiswa wukugula nokudlula emhlabeni kukanina.
Uthe ukuhoxa kwenhlangano kasaziwayo wezingxoxo wase-US u-Oprah Winfrey, okwakuyi-Oprah's Angel ekusizeni izakhamizi zasemakhaya KwaZulu-Natal kwavula isikhala esikhulu.
“Inhloso enkulu wukuba siveze imindeni eswele, ikakhulukazi leyo ephethwe yizingane. Usizo esizoza nalo ngolokuthi umndeni siwusize ngohlelo lwezemfundo nokunye okuzokwenza ukuthi noma sesihambile bakwazi ukusala bazimele impilo yabo yonke. Izinhlangano eziningi zigxile kwabesifazane kodwa thina sizobe singakhethi ngokobulili,” kusho uNkk Nkwanyana-Maphisa.
Umcimbi ubuhanjelwe yizicukuthwane, kukhona kuzo osomabhizinisi, osopolitiki, abefundisi. Kukhalwe ngosomathuba abasungula izinhlangano ngoba befuna ukuzicebisa nokufeza izinhloso zabo zepolitiki besebenzisa abantu abahluphekile.
Usomabhizinisi waKwaZulu Natal, uMnuz Musa Myeni uxwayise ngokuthi sekukaningi abantu besungula izinhlangano kodwa ekugcineni kuvele ukuthi bawasebenzisa njengesidleke sokufihla imali noma ukuqhuba izinhloso zabo zezombusazwe.
“Sekukaningi abantu besungula izinhlangano kodwa bekwenza ngoba behlose ukuba nezwi kwezepolitiki noma ukuzicebisa bona, besebenzisa igama labampofu,” kusho uMyeni.
Ubekusho lokhu ngoba muva nje kukekwagxekwa izinhlangano ezifana neHelen Suzman Foundation eyayisabisa ngokuya enkantolo ngoba iphikisa ukuqokwa kweNhloko yeNkantolo yamaCala aDlulisiwe, iJaji Mandisa Maya ukuba abe yiNhloko yamaJaji eNkantolo yoMthethosisekelo.
UNkk Nkwanyana Maphisa uthe inhlangano yakhe kayihlangene nezepolitiki futhi alukho uxhaso ayolwamukela oluvela komasipala noma kosomathenda kodwa uzosebenza namabhizinisi azimele.
Inhlangano yakhe yakhiwe ngabesifazane abasebancane. Okwamanje isazogxila eBaqulusini, bese ngokuhamba kwesikhathi yenabele esifundeni sonke saseZululand.
Iphini likaMengameli we-IFP iNkosi Mzamo Buthelezi, ithe inethemba lokuthi abafelokazi bazosizakala ngoba utshwala sebudale ukuphela kobuntu kuma-Afrika.
Uthe kuyethusa ukuthi abafelokazi sebehambe bedayisa bezilile, ukuze bondle imindeni yabo yize kukhona abantu abanemali kodwa abancamela ukuyichitha etshwaleni, baze babukise nasezinkundleni zokuxhumana.