KUZOPHELA ukufudukela emadolobheni amakhulu komphakathi wasezindaweni ezingaphansi kukaMasipala iBig 5 Hlabisa kulandela ukwakhiwa kwesikhungo sokusiza abafuna ukuthatha izincwadi zokushayela.
Ikhuluma emcimbini wokwethulwa kwesabelomali nezinhlelo zentuthuko zakulo masipala ehholo lomphakathi wakwaNibela, iMeya uMnuz Comfort Khumalo, ithe sekuqaliwe ukwakhiwa kwalesi sikhungo ku-ward 5.
“Njengoba sasithembisile ngonyaka owedlule ukuthi kuzokwakhiwa lesi sikhungo. Siliphendulile isoyi lapho kuzokwakhiwa khona maqede saqasha inkampani ezokwakha isikhungo.”
Uthe nakuba kungakapheli ukwakhiwa kwaso kodwa sezikhona izinhlelo eziqhubekayo khona njengokuvuselelaa izincwadi nokubhalisela i-learners.
UKhumalo uthembise ukuthi uKhisimusi uzoshaya sezikhona izinto eziningi eziningi ezisiza umphakathi. Uthe lesi sikhungo sizokuba namahhovisi abasebenzi bakhona namanye amagumbi.
“Ayikakabi khona inkundla lapho kuzohlolelwa khona ukushayela.” Uthe izimoto zisazoqhubeka nokuhlolwa lapho bezihlolelwa khona futhi abazoyithatha imisebenzi ebiyenziwa eposini.
UKhumalo uthe kulo nyaka bebelwe imali ewuR249 675 211.17, okuyimali athe incane kakhulu ngoba ayikwazi ukufeza izidingo nezifiso zomphakathi.
Uthe lokho kudalwa ukuthi abantu abakhele lo masipala abafuni ukubhalisela ukuvota ngobuningi babo, okwenza isabelomali sibe sincane.
Uthe kunemigwaqo, amahholo, izinkulisa, izindlu zomxhaso nezinye izinto ezizokwakhiwa.
Uthe ayikho intsha ezophenduka ondingasithebeni kangangoba igcine seyidla izidakamizwa ngenxa yokuthi kunzinhlelo ehlelelwe yona.
Uthe nakuba kusekhona ingqinambi ngamanzi kodwa baphezu kwezinhlelo zokuyixazulula.
Phakathi kwezinye izinhlelo ezibekelwe imali kubalwa umkhankaso wokulwa nokubhebhetheka kwengculazi, ukunqanda udlame lobulili nokunye.
Kunamalungu omphakathi acele ukuxhaswa ngamabhola nangezinsimbi zomculo.