UFAKAZI ecaleni lokubulawa kukaNobhala-jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sandiso Magaqa useveze ukuthi zaqala ngo-Okthoba ka-2016 izinhlelo zokumbulala.
Lokhu kuvezwe umphenyi kuleli cala uWarrant Officer Jim Sekano ngesikhathi efakaza eNkantolo yeMantshi eMzimkhulu ngoLwesibili.
UMagaqa wadutshulwa ngoJulayi 13 ehamba noNksz Nontsikelelo Mafa noNksz Jabulile Msiya e-Ibisi eMzimkhulu.
Inkantolo izolo inikezwe isithombe ‘ngezinhlelo’ zabasolwa okunguMnuz Sibonelo Myeza owayeyiphoyisa, uMnuz Mbulelo Mpofana osebhizinisini lamathenda kanye noMnuz Mxolisi Ncalane naye owayeyiphoyisa, zokusoconga uMagaqa.
Kuthiwa laba basolwa baqasha izinkabi ezimbili ezaziyalelwe ukuthi zizowenza ngoJulayi 12 umsebenzi.
USekano, obikele inkantolo ukuthi uneminyaka engu-28 esebenza ephenya ngamacala athinta ukubulawa kwabezombusazwe kuleli futhi usebenza ngaphansi kophiko oluphenya ngalawa macala eKZN kusukela ngoJulayi nyakenye.
Uthe abasolwa, abafake izicelo zebheyili, bayingozi futhi bangaphazamisa icala ngokushabalalisa noma bafihle ubufakazi obebungakatholwa amaphoyisa okanye basabise ofakazi. Uthe inkantolo kumele isichithe isicelo sabo sebheyili.
Ugqamise ukuthi uMyeza nguye owaqasha izinkabi ezimbili, okunguJabulani ‘Sgora’ Mdunge, owadutshulwa wabulawa ezama ukuduna imoto yemali nyakenye kanye noSibusiso Ncengwa, okulindeleke ukuthi avele enkantolo ngo-Ephreli 24.
UMpofana kuthiwa wanikeza lezi zinkabi imali yokwenza ‘umsebenzi’ wase ezikhokhela seziwuphothulile.
USekano uphinde waveza ukuthi laba basolwa kungenzeka ukuthi bayathinteka ekubulaweni kwamakhansela aseMzimkhulu uMnuz Khaya Thobela noMnuz Mduduzi Tshibase, ababulawa ngo-2017 kulandelana esikhathini esingangenyanga.
Udaba lusaqhubeka eNkantolo.