UMASIPALA wesifunda iKing Cetshwayo usubeke eceleni imali ezosetshenziselwa ukuthuthukisa idlinza leSilo uCetshwayo kaMpande libe indawo yesikhumbuzo.
Lo masipala unethemba lokuthi ukuthuthukiswa kwedlinza LeSilo sasoNdini kuzoheha izivakashi.
Izinhlelo zokuthuthukiswa kwedlinza likaJininindi zimenyezelwe imeya yalo masipala wasoNdini, uMnuz Thami Ntuli, ngesikhathi ethula uhlelo lwentuthuko edidiyelwe emakhosini akulesi sifunda.
UNtuli uveze ukuthi umasipala ubeke eceleni uR2.3 million ozosetshenziselwa ukwakha indawo eyisikhumbuzo seSilo uCetshwayo.
Le mali iyingxenye yesabelosezimali sikamasipala sonyaka wezimali ozayo.
Bese kunesikhathi eside kunezikhalo ngesimo sedlinza leSilo uCetshwayo eliseNkandla.
UNtuli uthe babone kunesidingo sokuthi balusukumele lolu daba njengoba bewumkhandlu obuhloniphayo ubuholi bomdabu.
"Isifunda sakithi siqanjwe ngegama leSilo uCetshwayo. Manje akukuhle ukuthi isifunda sicwebezele kodwa idlinza leSilo lona lingacwebezeli. Ukuthuthukiswa kwedlinza leSilo kuzokwelekelela ezokuvakasha kuphinde kuthuthukise nomnotho wethu uma sithuthukisa izindawo ezingamagugu."
UNtuli uthe balindele izwi leNdlunkulu kaZulu ngaphambi kokuthi kuqalwe ukuthuthukisa kwedlinza.
"Ngasohlangothini lwethu sesikuqedile konke. Njengamanje sibanjwe udaba lwaseNdlunkulu ukuthi baseluleke ukuthi uma befuna kuthuthukiswe idlinza leSilo, ikuphi abafuna sikwenze."
UNtuli uphinde wamemezela ukuthi umasipala ubeke eceleni uR5 million ozosetshenziselwa ukwakha amahhovisi azosetshenziswa amakhosi akulesi sifunda ukuba nemihlangano.
La mahhovisi azodla uR10 million uma esephelile azokwakhiwa eShowe.
Azokuba nendawo yokuba nemihlangano emikhulu enezihlalo ezingu-120, eyokuba nemihlangano emincane nokunye.
UNtuli uthe indawo okuzokwakhiwa kuyona sebeyitholile, wathi maduze bazokhangisa ukuze bathole inkampani ezokwenza umsebenzi.
UNtuli uthe amakhosi akulesi sifunda awanayo indawo ehloniphekile aba nemihlangano kuyona.
"Siwumasipala oyaye usondele emakhosini, siphinde sizwe nezikhalo zamakhosi. Ingakho sisanda kuhlonipha uNdunakulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokuthi sibuyisele amahhovisi egameni lakhe ngoba vele amahhovisi kamasipala ayekade eqanjwe ngaye. Cishe singumasipala wokuqala noma owesibili ukwakhela amakhosi isakhiwo salolu hlobo."
Usihlalo wamakhosi efundeni iKing Cetshwayo, Inkosi uRussel Nsikayezwe Cebekhulu, uthe lesi sinqumo sikamasipala siyingqophamlando.
"Cishe umasipala wesifunda iZululand kuphela okwaze ukwakhela amakhosi isakhiwo sawo ngempumelelo. Zonke lezi ezinye izifunda zihlanganyela emahhovisi omasipala."
UCebekhulu uthe bese kunesikhathi becela ukuthi bakhelwe lesi sakhiwo.
"Kudala umasipala wake wazibophezela ekutheni bazosithengela isonto elidala elikhona kodwa uhulumeni wesifundazwe wabuye wanqaba, wathi ayikho imali yokwenza leyo nto. Esikukhulekelayo ukuthi kusheshe ukwakha ngoba njengamanje sifana nezinja ezingenambeki."