AMAPHOYISA aseMpumalanga azonikela kuNgqongqoshe wezeziMali kuzwelonke, uMnuz Enoch Godongwana, ukuze athathe isitatimende sakhe ngezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi ezibhekiswe kuye.
NgoMsombuluko, i-National Prosecuting Authority (NPA) ithole idokodo emaphoyiseni aseMpumalanga, lapho abecela khona abashushisi ukuthi basho ukuthi uGodongwana uzoshushiswa noma cha?
Abezindaba bayakuqonda ukuthi edokodweni elibuyiswe yiNPA emaphoyiseni, iwayalele ukuthi ahambe ayothola isitatimende kuGodongwana, lapho ezosho khona olwakhe uhlangothi lodaba.
Kuthiwa uma sekwenzekile lokho, idokodo lizobe selibuyiselwa emumva kube abeNPA abazothatha isinqumo ukuthi ashushiswe noma cha uGodongwana.
Ngaphandle kokumgagula ngegama uGodongwana, okhulumela amaphoyisa aseMpumalnga izolo, uBrigadier Selvy Mohlala, ukuqinisekisile kwabezindaba ukuthi idokodo selibuyile kwabeNPA.
“Silitholile idokodo, sesizoya kothola isitatimende kumuntu othile osesikhundleni esiphezulu,” kusho uMohlala.
NgoLwesithathu, inhlangano i#NotInMyName, yenze isiphakamiso sokuthi ashenxe esikhundleni uGodongwana kulandela ukuvulelwa kwakhe icala eSkukuza.
UNobhala Jikelele wale nhlangano, uMnuz Themba Masango, uthe yize uGodongwana eziphika izinsolo abekwa zona, kufanele aphume ehhovisi kuze kuba ukuthi lolu daba kuyaphothulwa.
“Siyazi ukuthi kusalindeleke ukuthi ezwe ngokusemthethweni ngamaphoyisa ukuthi uvulelwe icala lokuhlukumeza ngokocansi, siyamnxusa ungqonqoshe ukuthi abenonembeza, ashenxe esikhundleni kuze kuba ukuthi lolu daba selulungisiwe,” kusho uMasango.
Uthe ngokulingana, babiza inhlaka zomthetho ukuthi zenze konke okufanele ukusingatha lolu daba.
Ngempelasonto, uGodongwana ukhiphe isitatimende eziphika izinsolo abekwa zona.
Icala lavulwa emva kokuthi uGodongwana evakashele eKruger National Park. Kuthiwa icala lavulwa isisebenzi sasendaweni okwakuvakashele kuyo uGodongwana esisebenza endaweni ekhokhelwayo ebhucunga izinyawo zezivakashi emagumbini azo okulala.
Ngesikhathi echitha izinsolo, uGondongwana uthe ngesikhathi okuthiwa wenza ngaso icala yena wayesegumbini lakhe lokulala nonkosikazi wakhe ngakho ngamampunge lokhu okuthiwa wakwenza.
“Ngihlale ngisho ukuthi ngiyawahlonipha amalungelo abantu besifazane nesithunzi sabo kanti lezi zinsolo ziyashayisana nezinkolelo zami,” kusho uGodongwana.
NgoMsombuluko, i-EFF nayo ithe akasuswe esikhundleni uGodongwana.
“Owesifazane owenza umsebenzi wokubhucunga izinyawo ehhotela uvulele uGodongwan icala lokuhlukumeza ngokocansi emva kokuthi eshutheke umunwe esithweni sakhe sangasese. Akagcinanga lapho, uphinde wamnika isamba semali ukuzama ukumvala ukuthi angakhulumi,” kusho okhulumela i-EFF uMnuz Sinawo Tambo.
“Uma uhulumeni we-ANC ubahlonipha abantu besifazane, ungqongqoshe osolwa ngokuhlukumeza ngokocansi kufanele ingabe usesule ngokushesha esikhundleni. UMengameli Cyril Ramaphosa kufanene ingabe usemxoshile,” kusho uTambo.