IZIKHULU zebhange Ithala zithi kuzothatha isikhathi eside ukuba lisebenze ngokujwayelekile kulandela isinqumo senkantolo esilivumela ukuba liqhubeke nokusebenza.
Isikhulu esiphezulu eThala, uDkt Thulani Vikalazi, sithe kuningi okudinga ukuthi kulungiswe ngaphambi kokuba ibhange liqale ukusebenza ngokujwayelekile.
Ukusho lokhu esithangamini nabezindaba, eThekwini.
Ngeledlule iNkantolo eNkulu eMgungundlovu yakhipha isinqumo sokuthi Ithala liqhubeke nokusebenza ngokujwayelekile.
Ukusebenza ngokujwayelekile eThala kwama ngoJanuwari 16, kulandela isicelo sohlaka olungaphansi kwebhange loMbuso, iPrudential Authority, sokuba kuvalwe Ithala.
UVikalazi uthe ngenxa yokuthi ukusebenza kwebhange kume isikhathi eside kuningi okudinga ukulungiswa ngaphambi kokuba ibhange lisebenze ngokujwayelekile.
"Le nto ifana nokuvalwa kwemboni. Uma sekufika isikhathi sokuthi imboni ivulwe kuningi okudinga ukulungiswa ngaphambi kokuthi iqale ukusebenza ngokujwayelekile. Kufanele uqale uhlole ukuthi ngabe yonke imishini isasebenza kahle yini. Kuzokwenzeka ukuthi kukhona abasebenzi asebeshiyile. Yizo zonke izinto okufanele ubhekane nazo."
UVikalazi uthe abantu abaningi babelindele ukuthi bazokwazi ukuthola yonke inhlobo yosizo ngoMsombuluko ngesikhathi ibhange liqala ukusebenza.
Uthe okwamanje basacathula.
"Uhlelo esilwenzile olokuthi labo abakhokhela imishwalense kube nendlela okuzokwenzeka ngayo ukuthi baqhubeke nokukhokhela imishwalense. Okunye esikwenzile wukuthi senze uhlelo lokuthi abafuna ukukhokhela izikweletu zabo bakwazi ukukhokha. Senze uhlelo nelinye ibhange."
Nakuba Ithala livunyelwe ukuba liqhubeke nokusebenza, alivumelekile ukwamukela imali yamakhasimende ngenxa yokuthi kusazolalelwa isicelo sokuba livalwe.
Undunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, unxuse abantu ukuthi bangalilaxazi Ithala.
UNtuli uthe imali yamakhasimende aseThala ngeke icwile, wathi bazolivikela ngayo yonke indlela Ithala ukuba lingavalwa.
"Imali yabo iphephile, ngeke ibalahlekele. Okubalulekile njengamanje ukuba silwele ukuthi Ithala liqhubeke nokusebenza. Ithala libalulekile ikakhulukazi ekuthuthukiseni umnotho waKwaZulu-Natal. Sizoqhubeka nokulwela ukuthi liqhubeke nokusebenza. Ukukhombisa ukuthi sizimisele kanjani ukulwela Ithala, le ndaba ngayikhuluma noMengameli (uCyril Ramaphosa) noNgqongqoshe wezeziMali (uMnuz Enoch Godongwana). Yingakho ngithi abekho engcupheni abasebenzisa iThala. Singaya ngisho eNkantolo yoMthethosisekelo siyolwela Ithala."
UNtuli unxuse iminyango kahulumeni, omasipala namaqembu ezepolitiki ukuba babhange neThala uma selinelayisensi yokuba yibhange.