IKOMITI lezokuThuthukiswa koMphakathi ePhalamende linikeze uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ne-South African Social Security Agency (Sassa) izinsuku eziwu-30 ukuba kuphenye udaba lwenkohlakalo yesibonelelo sika-R370 wabangatohozi.
Lokhu kuza emuva kokuthi iPhalamende limeme izitshudeni ezimbili zeComputer Science zeNyuvesi yaseStellenbosch, uJoel Cedras noVeer Gosai ukuba zizothula umbiko wazo othole ukuthi kulula ukukhwabanisa u-R370 wabangasebenzi.
Lezi zitshudeni zithole ukuthi uhlelo lokubhalisa izibonelelo nge-internet (online) okuthiwa lwenzelwe ukuvimbela ukukhwabanisa lwenza kube lula ukuthi abantu bakhwabanise u-R370 wabangasebenzi.
Zithole ukuthi yize zona nozakwabo abawu-60 bengakaze babhalisele isibonelelo sabangasebenzi kodwa izinombolo zabo zomazisi ziyavela kubantu abahola isibonelelo sabangasebenzi.
I-DA ike yakhala ngalolu daba isho nokuthi kufanele uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ne-South African Social Security Agency (Sassa) balusukumele.
Usihlalo wekomiti lezokuThuthukiswa koMphakathi ePhalamende, uNkk Bridgette Masango, uthe banqume ukunikeza uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ne-Sassa izinsuku eziwu-30 ukuba uphenye ngezinsolo zokukhwatshaniswa kwemali yesibonelelo sabangasebenzi.
“Ukuzwa ukuthi uhlelo lwa-online ebesitshelwe ukuthi luvikela ukukhwabanisa nalo kulula ukuba kwenziwe inkohlakalo nokuthi kukhwatshaniswe kulo kufanele sikusukumele phezulu. Yingakho sinikeze uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ne-Sassa izinsuku eziwu-30 ukuba baluphenye. Silindele ukuthi emuva kophenyo kulethwe umbiko ozobe uchaza ngokutholakale.”
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Sisisi Tolashe, uthembise ukuthi bazokwenza uphenyo ngenkohlakalo okuthiwa yenzeka ezinhlelweni zesibonelelo sika-R370 sabangasebenzi.
“Sizoyisukumela ngokuthi siqale uphenyo ngezinsolo zokuthi kunabadla imali yabampofu. Kufanele sazi ukuthi lesi silwane esikhwabanisa imali sesidle kangakanani emalini yethu encipha nsukuzonke,” kusho uNksz Tolashe.