ZIZONCIPHA izinkulumo eMkhosini woMhlanga wakulonyaka njengoba iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sifuna ukuthi izintombi ezizokube zilethe umhlanga zithole isikhathi esanele sokudlala.
Lokhu kuvezwe okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana u-Afrika Zulu, ngesikhathi echaza ngamalungiselelo alomkhosi ozokuba sesigodlweni eNyokeni kusasa.
Sekuze kwakabili iSilo sikhalaza ngokuthi izinkulumo ezinde ezethulwa emikhosini yaseNdlunkulu igcina iholela ekutheni izintombi zingasitholi isikhathi esanele sokuthi zidlale.
ISilo siqale ukukhalaza ngalokhu eMkhosini weSivivane owawusesigodlweni KwaKhangela ngenyanga eyedlule.
Siphinde sakhala ngalo mkhuba eMkhosini woMhlanga waseNgwavuma owawusesigodlweni eMachobeni ngeledlule.
UMntwana u-Afrika uthe kulonyaka itshe lizokube ligaya ngomunye umhlathi.
“Engingakusho ukuthi sesadlula isikhathi sokuthi kube khona abantu abazothula izinkulumo ezinde nalaba okuzolokhu kuthiwa bayabingelela. INgonyama ikholelwa wukuthi abantu okufanele babekwe phambili osingabo, okuyizintombi ezizokube zilethe umhlanga.
“Uma kuwumkhosi womama kufanele kunikezwe omama ithuba elanele lokuthi badlale. ISilo sizoqala emkhosini wakulonyaka ukuqinisa lomthetho. Lokhu nizokubona ngoMgqibelo,” kusho uMntwana u-Afrika.
Uqhubeke ngokuthi bajabule ngamalungiselelo omkhosi wakulonyaka kanti okujabulisayo ngawo wukuthi awukho umdonsiswano.
Ngesikhathi kulungiselelwa umkhosi wangonyaka owedlule kwaba nezinxushunxushu eziningi.
Kwaba nezinsolo zokuthi abeseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini bagweve nesigodlo saseNyokeni.
Ngosuku olwandulela umkhosi, abeseka uMntwana uSimakade bakhishwa ngesankahlu esigodlweni. Kulonyaka kubikwa ukuthi indlunkulu yonke ibambisene.
“UNdlunkulu waseNyokeni uNompumelelo uMaMchiza Zulu ube ngusihlalo weminye yemihlangano ebibhunga ngamalungiselelo omkhosi. Lokhu kukutshela ukuthi lena yinto yawo wonke umuntu, sibambisene,” kusho okaMageba.
Kubikwa ukuthi kulindeleke izintombi ezingu-60 000 emkhosini wakulonyaka kanti iTheku nje lilodwa lizokhipha amabhasi angu-50.
Uthe balindele izintombi eziqhamuka kulo lonke izwe ezizokhishwa yiwo wonke amakhosi.
Njengamanje uthe uyaqhubeka umsebenzi wokufaka amatende azohlala izintombi kanti Indlulamithi isikulungele ukuvela kulomhlanga njengeNgonyama yeSizwe.
UMntwana u-Afrika uveze ukuthi uMkhosi woMhlanga waseGoli uzoqala ngonyaka ozayo.
Lo mkhosi uthe bekulindeleke uqale ukuba seGoli kulonyaka, kepha awubanga usabakhona ngoba kusekhona okufanele kulungiswe.