SIKHULU isililo kubathandi bebhola ngenkinga yeminyaka yokulinyazwa kwezimoto uma kunemidlalo ezinkundleni ezahlukene kuleli.
Ithumba libhoboke ngesikhathi omunye umlandeli efake izithombe ezinkundleni zokuxhumana eveza okwehlele abanikazi bezimoto befica kukhishwe amabhampa nezimoto ezimotweni zabo. Lokhu kwenzeke emva komdlalo we-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs obuse-FNB Stadium, eNasrec ngoMgqibelo.
Ngokwemibiko evelayo, lo mkhuba wande kakhulu ezinkundleni ezifana neLoftus Versveld lapho ingekho khona indawo eqondile yokupaka izimoto nakwezinye izinkundla lapho abantu bekhetha ukupaka emgwaqweni.
UTrevor Baker wafaka i-video bephuma enkundleni iLoftus bedlula imoto eyi-VW ikhunyulwe ubhampa uhleli phansi, ihlunsulwe namalambu angaphambili.
UMsomi Gasa uthe wake wabhekana nesimo esifanayo efica imoto yakhe i-Toyota Fortuner ilimele iwindi.
“Kwake kwangehlela lokhu ngiyobukela ibhola eMbombela ngabuya iwindi lemoto liphahlazekile.”
UThandiswa Kumbaca uthe bafice imoto abebehamba ngayo igqekeziwe kodwa bebekhona onogada begcwele.
UBertie Globbelaar we-Stadium Management South Africa, eyengamele ne-FNB Stadium, uthe udaba lokuhlunsulwa kwezimoto zabalandeli ngoMgqibelo lubikiwe kubona.
Uthe bazokuba nomhlangano nazo zonke izinhlaka ezithintekayo okuhlanganisa namaphoyisa e-SAPS bese bekhipha imininingwane eqondile ngokwenzekile.