INKANTOLO ibeke usuku ezolalela ngalo ubufakazi obuzokwethulwa iphoyisa elithweswe icala lokudubula ngoyaba lezinhlamvu libulale okuthiwa wayekade encike emotweni yalo.
Kubekelwe uJuni 25 nonyaka ukuze uSergeant Sibonelo Christopher Shabangu abeke uhlangothi lwakhe ngokwenzeka.
UShabangu ubekade evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesithathu emini.
Ungaphandle ngebheyili kaR5 000.
Ummeli kaShabangu, uMnuz Andile Dakela phambilini watshela inkantolo ukuthi ummangalelwa wadubula ezivikela ngoba ebona ukuthi impilo yakhe isengcupheni.
UDakela wathi uShabangu wayekade exabana nomufi, uMnuz Qaphela Mdima, ayekade emyalele ukuthi asuke emotweni yakhe anganciki.
Isigameko senzeka ngaphandle kwendawo yobumnandi iCasa Blanca Lifestyle, eMolweni, eThekwini.
Enkantolo bekade kukhona abantu baseMolweni abangaphuthi uma kuqulwa icala.
UMdima wahlonzwa njengoseshonile emuva kokuthi ephuthunyiswe emtholampilo waKwaDabeka elimele kanzima.
UMbuso usonge uhlelo lwawo lokubizwa ofakazi.