INKAMPANI ezimele exhasa osomabhizinisi iHollywood Foundation, ihambe emazwini ayo ngokuklomelisa osomabhizinisi abawu-20 ngemali yokusimamisa amabhizinisi abo. Bathemba ukuthi uxhaso luzolekelela ukuthi achume futhi aye phambili - ukuqhuba umkhondo wayo wokukhathalela umphakathi.
Lokho kwenzeke kumaBambelela Business Awards, abeseGrevyille Convention Centre, eThekwini, lapho obekuhlangene khona osomabhizinisi abawu-126, okukhethwe kubona laba abawu-20 abahlabe umxhwele ithimba ebelihlunga imingenelo yabo ngokwehlukana.
Lo mcimbi, obekungokwesibili wenziwa KwaZulu-Natal, wendlalelwe wumbukiso wokukhangisa ngemikhiqizo yabo kosomabhizinisi abebengenele, okuyilapho bethole khona ithuba lokushiyelana inkundla, bedayisa amabhizinisi abo - ngethemba lokuhlabana.
Isicoco esikhulu sosuku esihambisana nesheke lemali ewuR130 000 yokuxhasa ibhizinisi sihambe neNkazimulo Appled Sciences kaNksz Bathabile Mpofu, kwathi endaweni yesibili kwaba yiBakers Creationz kaMnuz Njabulo Sithole, neLitklean Chemicals kaNksz Nokwanda Cele endaweni yesithathu.
Abawu-17 abalandele emva kwalapho, abaklonyeliswe ngoR40 000 wokuxhasa ibhizinisi ngalinye kube iCosmic Dreadlocks Specialists, Akili Timber, Level Innovations, BAP South Africa, Sposh Multi Dimensions, G Khula Trading, Bidy Wood Design Manufacture and Trading, Skhathi Collection, Field Tech Environmental Solutions, June D Cakes, Umphafa Berg Tours, Earth Tones Designs, Mawande Kheswa Imaging, Madame Clucks A Lot, Sinesithembiso Produce, Redd Productions neSibocali Traders.
I-Let’s Talk Basket Laundry iklonyeliswe ngoR10 000 wokuhlabana emncintiswaneni wokumaketha ibhizinisi kuFacebook, iMthunzi Poultry Farm yathola uR5 000 wokuba yibhizinisi elifike kuqala emcimbini wokuzoshiyelana inkundla obungoLwesibili, kwase kuthi iPeggy’s Hair Care yakhala yemuka noR5 000 wokuba yibhizinisi elizikhangise kahle nangendlela egculisayo emabhizinisi abenezitende zokukhangisa.
Enye yezimenenja zeHollywood Group uNksz Babongile Mkhize, ithe baziqhenya kakhulu ngokuba ngabanye babantu abaqhubekayo babambe iqhaza ekufukuleni osomabhizinisi abasafufusa esifundazweni, okuzosiza ukufukula umnotho wesifundazwe.
“Sithemba ukuthi lokhu okwenzeke namhlanje kuzosiza ukukhuthaza osomabhizinisi ukuthi babambisane futhi bafukulane ukuchuma kubhekwe phambili. Sinenkolelo yokuthi ukubambisana nokwesekana ngezinye zezinto ezisiza ukuyaphambili,” kusho uNksz Mkhize.
Ethula inkulumo obekumele yethulwe wuMphathiwa woMnyango wokuThuthuka uMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo uMfu Musa Zondi, umqondisi omkhulu walo Mnyango uMnuz Thami Zondi uthe ukuguqula umnotho kudinga ukubambisana nokusebenzisana kwezinhlaka ezahlukene ezizimele nezohulumeni. Wathi kungakho bekushayela ihlombe abakubona kwenziwa yiHollywood Foundation nezinhlaka ebambisene nazo ukufukula amabhizinisi osomabhizinisi baseKZN.
“Sinxusa ukuthi nabanye basike iphethini kulo msebenzi omuhle kangaka owenzeka lapha namhlanje, futhi nathi sizivulile izandla neminyango nakwabanye abafisa ukwenza izinhlelo ezinhle njengalolu ezizosiza ukufukula osomabhizinisi abasafufusa,” kusho uZondi.