KUYAVULWA ngoLwesihlanu ukufakwa kwezicelo za-online esikhwameni esixhasa izitshudeni ngemali yokufunda, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, ngesikhathi kunesithangami sabezindaba.
Izicelo ezizofakwa kusukela ngoLwesihlanu ezokukhokhela ukufunda ngonyaka ozayo, u-2025.
Ukuvulwa kokufakwa kwezicelo bekumele kuqale izolo kodwa ungqongqoshe wathi kuzoqala ngoLwesihlanu.
UDkt Nkabane uthe kusukela ngesonto eledlule ngoLwesine bekunezigcawu zokubonisana nezinhlangano zezitshudeni, abaphathi bamakolishi nezikhungo zezemfundo ephakeme mayelana nokuxhaswa kwabafundi yilesi sikhwama.
Uthe eminyakeni eyedlule isibalo sezitshudeni ezithembele kulesi sikhwama ukuze sizixhase ngemali yokufunda sikhule kakhulu, okuhambisana nokuthi uhulumeni uvulele ithuba nezitshudeni eziphuma ezindaweni ebezinganakiwe phambilini, okuyizingane ezizalwa ngabazali abantulayo nabahola imali encane.
"Kubalulekile ukuthi iNSFAS izilungiselele ngokwanele ngokwezinsiza kanye nohlelo oluzokwazi ukuhlangabezane nesibalo esikhulayo," kuchaza uDkt Nkabane.
Uthe ngesikhathi kunezigcawu zokubonisana kuvelile ukuthi izinxushunxushu ezukhungweni eziphezulu zezemfundo zisuswa yizinkinga zeNSFAS.
"Izitshudeni eziningi zizwakalise ukuphatheka kabi ngokubambezeleka kokukhokhwa kwemali yokufunda ezikhungweni nokungasebenzi kahle kwezinhlelo zeNSFAS," kusho ungqongqoshe.
Uqhube wathi iNSFAS kulindeleke ukuthi yethule inqwaba yezinhlelo zokubhekana nezinye zezinselelo ezivezwe yizinhlangano zezitshudeni. Lokhu kubandakanya ukuthi kwenziwe lula uhlelo lokubhalisa online.
Okunye athe kuvelile ngesikhathi kunezigcawu zokubonisana wukubambezeleka kokukhokhelwa kwezitshudeni ezifunda ngeNSFAS, nokukhishwa kwemiphumela kamatric okuholela ekutheni nezinqumo zokuthi bazoluthola yini uxhaso kulesi sikhwama nakho kuhlehle. Indlela esetshenziswayo yokuxhasa izitshudeni nokusebenzisana kweNSFAS namaSETA. Ukubaluleka kokuthi kuqinisekiswe ukuthi izitshudeni zihlala ezindaweni eziphephile.
"Kungumbono wami ukuthi kumele kube nezingxoxo eziqhubekayo phakathi kwezinhlaka zezitshudeni kanye nezinhlangano zezombusazwe ukuze kubunjwe ikusasa nenqubomgomo yemfundo ephakeme esebenzayo, ikakhulukazi mayelana nosizo lwezezimali," kusho uDkt Nkabane.