SEBENGAPHEZU kwesigidi abantu ababhalisele ukuvota okuyisipesheli, okhethweni lwezifundazwe nolukazwelonke ngoMeyi 29.
Laba babhalisele ukusheshe bavote ngoMeyi 27 noMeyi 28 2024, ngoba bazobe besebenza ngosuku lokhetho.
Abanye bazovakashelwa emakhaya yizisebenzi zeKhomishini yezoKhetho, ngoba begula noma bekhulelwe.
IKhomishini ihlabe ikhwelo kwabasafisa ukubhalisela ukuvota ngokuyisipesheli ukuthi basenalo ithuba njengoba kuvalwa namhlanje.
Abazofaka izicelo emahhovisi ekhomishini banethuba kuze kube u-5 ntambama, labo abazosebenzisa ubuchwepheshe bazokwazi ukubhalisa kuze kube u-12 ebusuku.
“Ikhomishini ifuna ukukucacisa ukuthi akuyi ngeminyaka ukuze ukwazi ukubhalisela ukuvota ngokuyisipesheli. Noma ngubani angafaka isicelo sokuthi avote ngokuyisipesheli,” kusho ikhomishini.
Iveze ukuthi bangu-396 531 abazovotiswa emakhaya ngalezi zinsuku kanti abangu-686 458 bazovota ezikhungweni.
Isifundazwe i-Eastern Cape yisona esinesibalo esiphezulu sabazovotiswa njengoba bengu-105 631, kulandele iKwaZulu-Natal ngabangu-65 600.
Kwabazovotela ezikhungweni, iGauteng yisona sifundazwe esinesibalo esiphezulu ngabangu-168 664, kulandele iKZN ngabangu-138 846.
Abafuna ukufaka izicelo bangaya ku:www.elections.org.za. Bangathumela umqhafazo onenombolo kamazisi ku:32249.
Khonamanjalo ikhomishini isiveze ukuthi akukho okubi ngokuvakashelwa yinxusa lase-USA uMnuz Reuben Brigety, muva nje.
Ikusho lokhu emuva komsindo ovela ezinhlakeni ezehlukene ezisola ugcobho nokuthi i-USA ifuna ukugxambukela okhethweni.
Ikhomishini iveze ukuthi ike yavakashelwa nayi-European Union, kanjalo nenxusa laseLatin America.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu, okubalwa nowayeyilungu lePhalamende le-ANC uMnuz Tony Yengeni, nowayengumholi wePAC uMnuz Letlapa Mphahlele, bazwakalisa ukungenami ngokuvakasha kukaBrigety kwi-IEC.
Nomengameli wenhlangano i-#NotInMyName uMnuz Siyabulela Jentile, uthe bafuna amaminithi omhlangano phakathi kukaBrigety nekhomishini.
Uthe umphakathi kumele wazi ukuthi yini engaka eyayixoxwa.
Ikhomishini iveze ukuthi isazohlangana namanye amanxusa ngaphambi kokhetho okubalwa ne-Dean of the African Diplomatic Corps.
Okhulumela uMnyango wezobuDlelwano namazwe Angaphandle uMnuz Clayson Monyela, uphawule enkundleni i-X, wathi akukho okubi futhi akukusha ukuvakasha kwamanxusa kwikhomishini.
Uthe nangesikhathi kusaphethe owayengumengameli uJacob Zuma, kwakwenzeka okufanayo.
Uveze nokuthi zihamba kahle izinhlelo zokuwelisa izinsiza zokuvota ziye kwamanye amazwe.
“Sinethemba lokuthi yonke into izohamba ngohlelo ukuze abantu bakuleli abahlala kwamanye amazwe bavote. Izinsiza zokuvota zizohanjiswa emazweni angu-115.”
Abahlala kwamanye amazwe bazovota ngoMeyi 17 no-18 ezindlini zamanxusa.