UBHEKENE nengwadla uhulumeni wakuleli, okudingeka uthathe izinqumo ezinzima ngezinhlelo okumele uqhubeke uzixhase, nalezo okumele uzilaxaze. Lokhu kungenxa yezinkinga zokuthi udinga ukuthola imali yokuxhasa izinhlelo ezibalulekile ngaphandle kokunyusa i-VAT.
Lokhu kushiwo nguMnuz Mmusi Maimame, usihlalo wekomiti i-Appropriations ePhalamende, oluleke uhulumeni ukuthi uthathe izinqumo ezibuhlungu futhi ezinzima.
UMaimane uthe uMengameli Cyril Ramaphosa kumele atshengise ukuba ngumholi ngalesi sikhathi, ngokuthi benohulumeni wakhe bazibuze imibuzo enzima.Wathi kodwa ebalulekile ngethi yiziphi izinto okumele baziyeke ukuzixhasa ukuze izwe lingacwili kakhulu ezikweletini?
"Kumele bazibuze ukuthi kumele yini kuqhutshekwe nokukhokhwa kwesibonelelo sabangasebenzi, noma sivalwe? Uma kuqhutshekwa naso, uhulumeni uzokwazi yini ukuhlangabezana nomyalelo wenkantolo wokuthi sinyuswe lesi sabelo siphinde sifinyelele ebantwini abaningi," kusho uMaimane.
Uthe eminye yemibuzo ngukuthi kufakwe imali embuthweni wokuvikela ukuze amasosha ayolwa impi e-DRC, noma kufakwe imali empini yokulwa ne-HIV kulandela ukuhoxiswa koxhaso lwezempilo lokulwa naleli gciwane, okwenziwe yizwe iMelika.
"Yingakho sithi kumele kuvunyelwane ngokuthi yiziphi izinhlelo ezizoxhaswa, nalezo ezingeke zisaxhaswa. Uma ungumholi ngeke wanelise wonke umuntu, ekubeni nemali ingekho ezweni kuphilwa ngokuboleka imali nesikweletu esikhulu," kusho uMaimane, othe basilinde ngabomvu isabelomali esizothulwa kusasa ePhalamende kulandela ukuhlehliswa kwaso ngenyanga edlule.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi amakomiti abhekele imali ePhalamende, ekhuluma nabezindaba ngezinhlelo zawo kanjalo nangesabelomali okumele sithulwe nguNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana ePhalamende, eKapa.
Lesi sabelo sahlehliswa kulandela ukungavumelani ngokunyuswa kwentela i-VAT ngo-2%, kukhalwa ngokuthi kuzoshayeka abahlwempu.
Usihlalo wekomiti elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakathi ePhalamende i-Scopa, uMnuz Songezo Zibi, ukhale ngokuxhashazwa kwemali ezweni nokunyuka kwesikweletu sikahulumeni.
Uthe izwe likhokhela isikwetu uR30 kuya kuR32 billion ngenyanga njengoba sizofinyelela kuR1.7 trillion.
"Ngosuku lesi sikweletu sikhokhelwa u-R1.2 billion, okuyimali enkulu. Iyaxhashazwa imali kuleli, kukhokhelwa amahhovisi kahulumeni imali enkulu. Imali isetshenziselwa ukukhokhela amaholo abasebenzi kunokuthi kwakhiwe izibhedlela," usho kanje.
Uveze ukuthi imali yesikweletu kusele kancane ukuthi idlule imali yezinhlelo ezibalulekile ezifana nezemfundo, ezempilo kanjalo nezibonelelo.
"Uhulumeni uzogcina esechitha imali enkulu ekukhokheleni isikweletu, kunokuthi afake imali ezinhlelweni zezemfundo, kwezempilo noma kwizibonelelo. Akukuhle uma izwe selizophila ngokuthi likhokhe izikweletu kunokuthi lenze izinhlelo ezibhekele emphakathini."
UZibi uthe uma kunyuswa i-VAT akumele inyuselwe ukukhokhela izikweletu engabe kwenziwa izinhlelo ezizotakula abantu.
UMaimane uthe uhulumeni ubhekene nesimo senhlekelele ezweni ngenxa yokuthi ayikho enye indlela ongayenza kulesi simo samanje sezomnotho.
"Izwe liphasisa imithetho engeke lisakwazi ukufaka imali kuyona. Uma kuphasiswa eyokunyuswa kwesibalo sabenza i-ECD, izoqhamukaphi imali yokwenza lokhu? Izwe ligcina seliphasisa izinhlelo ezizokwenza ukuthi zingaxhaseki," kuchaza uMaimane.
Usihlalo wekomiti lezi zimali uDkt Joseph Maswanganyi, uthe uMnyango kaMgcinimafa kumele uqhamuke nezinhlelo zokwehlisa isikweletu sezwe esiphezulu.