UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer, usexwayise imiphakathi, ephazamisa izivivinyo uma kunezidingo abazifunayo noma kunezinkinga ezithinta ukuphathwa kwesikole, ukuba ikupheze lokhu.
UNksz Frazer ukhiphe lesi sexwayiso emuva kokuthi kuphazamiseke ukubhalwa kwezivivinyo esikoleni, iJE Ndlovu High, KwaMashu, ngoLwesithathu emuva kokuthi abazali bevale isango ngoba bengafuni omunye uthisha wakulesi sikole angene ngaphakathi, bemsola ngokuhlukumeza abafundi nokuthuka uthishomkhulu.
Lo thisha ugcine engangenanga esikoleni kanti lokhu kuphazamise ukuqala ukubhalwa kwezivivinyo zika-grade 10 no 11, ezigcine ziqala sekwedlule isikhathi.
Kuze kwangenelela uNksz Frazer ukuze zingaphazamiseki izivivinyo zikamatric.
“Sinxusa imiphakathi ukuthi ihloniphe izikole ikakhulukazi ngalesi sikhathi esibalulekile sezivivinyo. Ukuphazamisa izivivinyo ngenxa yokuthi umphakathi unezikhalo kusibuyisela emuva futhi kumele kube yinto imiphakathi ekhathalele abafundi iyixwaye.”