Kuvuke umunyu, izinyembezi zagcwala amehlo kwamanye amalungu omndeni wowesifazane waseDondotha eMpangeni kulandela ukuvela kowayeyisoka eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko, osolwa ngokumbulala.
UMnuz Mlamli Michael Qaba, waseNtabankulu e-Eastern Cape, usolwa ngokugwaza uNksz Zama “Girlie” Mthembu amanxeba angu-25 emijondolo yaseKenville ngoDisemba 16, wonyaka odlule.
Isigameko kuthiwa senzeka endlini kamngani kamufi lapho umsolwa amfica khona, phambi kwengane eneminyaka eyisithupha.
Kusolwa ukuthi wenza lesi sehlo ngoba engafuni ukwaliwa wumufi.
Okulethe umunyu kunina kamufi, uNkk Lindiwe Mbhele, amagama kanina kammangalelwa, uNkk Nombeko Qaba, emva kokuhlehla kodaba enkantolo, luhlehlela uLwesihlanu.
UNkk Qaba uvumile ukuthi into eyenziwe yindodana yakhe ibuhlungu, wathi uyakuqonda ukuthi unina kamufi ubelindele ukuthi ingane yakhe ibuye ize ekhaya ngamaholidi kaDisemba kodwa yabuya seyilele ngomqolo.
“Nami njengomama ngiyazwelana nonina kamufi,” kusho uNkk Qaba.
Uthe ngisho umsolwa angafaka isicelo sebheyili, yena ngeke ayikhokhele ibheyili indodana yakhe, ukukhombisa ukuthi uzwelana nomndeni kamufi.
“Yena kufuneka ajeze ukuze nabanye bafunde isifundo ukuthi umuntu wesifazane akabekwa isandla. Okwakhe kubi kakhulu ngoba uze wabulala. Njengoba eboshiwe ngibuhlungu, kodwa ngizokweseka umndeni kamufi,” kusho uNkk Qaba.
Uqhube wathi umsolwa ulivumile kuye icala.
“Ngamfonela ngimbuza ngesigameko emva kokuthi ngangikhonjiswe ingane yakwamakhelwane obekubhalwe ngaye ezinkundleni zokuxhumana, kuthiwa uyafuneka ngecala lokubulala obeyintombi yakhe.
“Ngathi uma ngimbuza ukuthi bekwenzenjani, wathi akazi, kodwa ubephuzile. Ngambuza ukuthi ubusungaze umbulale pho? Ngambuza ukuthi, wathi useNtabankulu,” kuqhuba yena uNkk Qaba.
Uveze ukuthi wamtshela ukuthi abuye, ayozinikela emaphoyiseni esiteshini esiseduze, wathembisa ukuthi uzobuya.
“Into ayenzile ayingiphathanga kahle ngoba nami ngingumzali. Ingane yakho njengomzali uma iphumile yayosebenza, uba nethemba lokuthi izokuvusela umuzi, kodwa yena isihluku asenzile, kwamina sangigulisa. Zaphela izinsuku ezintathu ngingadli, ngishaywa wuvalo. Ngathi uma ngibuka ingane yami yentombazane, ngacabanga le eyomuntu engasekho,” kusho uNkk Qaba.
UNkk Mbhele ongandanga kakhulu ngenkulumo, uthe umsolwa umzwise ubuhlungu, ulunge evalelwe ngapakathi futhi engayifuni ibheyili.
Uthe kusebuhlungu abakwenziwe wumsolwa, wathi ingane kamufi encane yiyo esakuthola kunzima ukwamukela ukuthi unina akasekho.
Ngaphakathi enkantolo, iMantshi uSicelo Zuma ilihlehlisele uLwesihlanu udaba emva kokuthi umsolwa efike yedwa enkantolo, idokodo lakhe lasala ngemumva.
Kuvele ukuthi umsolwa, obebukeka ezikhululekele, uthe ngeke asifake isicelo sebheyili okwamanje.