KUNEMIBIKO ethi umsebenzi kaMasipala weTheku uMnuz Mlungisi Professor Mondlana (36), oboshelwe ukucekela phansi amakhamera nokweba akaqali ukunukeka entweni efanayo.
UMondlana uboshwe ngoLwesibili emahhovisi omkhandlu weTheku emuva kophenyo olunzulu. Kuvele ukuthi ubephenywa wuphiko lwangaphakathi lubambisene namaphoyisa omkhandlu nawakwaSAPS.
Usolwa ngokucekela phansi amakhamera nokweba ithelevishini, okuyizimpahla zoMkhandlu weTheku awusebenzelayo. Kuthiwa kukhona obekungahambi kahle kwathi uma kuphenywa wavela kumakhamera. Okunye okuvelayo wukuthi ucekele phansi amakhamera abesanda kufakwa kabusha ukuze kuliwe nobugebengu eThekwini.
Isolezwe lithole ukuthi uMondlana wake wasolwa ngokujikisa ikhamera ngesikhathi kubulawa owayeyikhansela laseMlaza uMnuz Sibusiso “Bhabhane” Maphumulo. UMaphumulo wadutshulwa wabulawa ngo-2018 ephuma emhlanganweni wenhlangano yakhe.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele wakhala ngokuthi bathole ukuthi ikhamera yomuzi yajikiswa ngaphambi kwesigameko ukuze ingasiqophi.
UNkosingiphile Gumede okwavela ukuthi wayeyinkabi waboshwa wagwetshwa ngokufa kwekhansela uMaphumulo.
Izingede zeSolezwe zithi uMondlana wasolwa kakhulu ngokujikiswa kwekhamera.
“Wake waze wathathwa abantu ababezenza amaphoyisa bahamba naye bayomshaya kanzima wacishe wafa. Wayesolwa kakhulu ngendaba yekhamera ngoba uhlala khona futhi kulowo mgwaqo okwenzeka kuwona isigameko,’’ kusho umthombo.
UMondlana uvele eNkantolo yeMantshi eThekwini ebhekene namacala amabili elokuphambana nomthetho wokulwa nobugebengu ngezobuchwepheshe. Uthweswe necala lokweba ngoba kuthiwa weba ithelevishini kamasipala.
Okhulumela abezokushushisa uNkk Natasha Ramakisson-Kara, echaza ngamacala uthe:
“ Amacala asukela ekutheni usolwa ngokuphazamisa ukusebenza kwamakhamera kaMasipala weTheku nokweba ithelevishini. Uvelile enkantolo icala lahlehlela uFebhuwari 29 ukuze acele ibheyili,’’ kusho uNkk Kara.
UMondlana uboshwa nje uvele kade esemisiwe emsebenzini emuva kokuthi uphenyo lomkhandlu lumkhombile. Kuthiwa ubizwe esekhaya umkhandlu kukhona ofuna ukukuxoxa naye kwabe sekufika amaphoyisa amxhakathisa khona lapho.