AMAPHOYISA aseGoli abophe abasolwa ababili emva kokuthi owesifazane obenezinyanga aziyisikhombisa ekhulewe esizwe yilaba ukuthi akhiphe isisu kwelinye lamafulethi.
Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Xoli Mbele, uthe owesifazane oneminyaka ewu-20 uboshwe nowesilisa ongowokudabuka e-Uganda, amaphoyisa akholelwa wukuthi uwudokotela mbumbulu omsizile ukuba ahushule isisu.
"Kuthiwa owesifazane uvakashele kuleli fulethi ehamba nowesilisa azwana naye ngeledlule, bakhokha uR3000, wabe esehushula isisu esizwa wudokotela mbumbulu osebenzisana nowesifazane, okukholakala ukuthi wubenza umsebenzi wokuba ngunesi. ‘Unesi’ usagcwele amatafa," kusho uMbele.
Uqhube wathi kuthiwa ngemuva kokuhushula isisu, owesifazane uqambe amanga kunina, wathi sichithekile.
"Utshele unina ukuthi uchithekelwe yisisu ese-Alexandra Clinic.
Unina omncane kuthiwa ngakusasa wamthatha wamyisa emtholampilo ukuyolanda isidumbu sengane ukuze siyongcwatshwa. Yilapho afike wathola khona ukuthi wayeqamba amanga aluhlaza.
Wabe esemtshela iqiniso, washo nokuthi akazange achithekelwe yisisu, kodwa wasihushula. Ube esemphuthumisa esibhedlela. Isibhedlela sabikela amaphoyisa, amthatha wayo khombisa indawo yesehlo, waboshwa udokotela. Unesi mbumbulu okunguyena okuthiwa wahamba nesidumbu sengane usafunwa ngamaphoyisa.
Udokotela mbumbulu nomunye wesilisa aboshwa naye bavelile enkantolo, icala labo lahlehliselwa isonto elizayo.