IMEYA uMnuz Nkosindiphile Xhakaza, kaMasipala waseKurhuleni, itshele abezindaba ukuthi kuqinisekiswe abantu abangu-12 abashonele endaweni yesehlo, noyedwa oshonele esibhedlela iThelle Mogoerane Regional Hospital, eVosloorus. UXhakaza uthi bangu-77 abalimele ngezindlela ezahlukene abasezibhedlela ezahlukene.
Ngokusho kwemeya uphenyo luyaqhukeba ngoba olokuqala luveza ukuthi ibhasi okungelikamasipala waseKurhuleni, lifake amabhrekhi kungazelele nokuyinto edale ingozi.
"Kulindwe ubufakazi bamakhamera ngezinsolo zemoto okuthiwa iyona ephazamise ibhasi njengoba ligcine linqika izikhathi ezimbalwa ngaphambi kokulala ngohlangothi kuR21 bude-buduze nesikhumulo sezindiza, i-OR Tambo," kusho uXhakaza.