ZIPHEFUMULE ngezinkinga ezikhungethe uhlelo olusavivinywa lwezindawo zokuhlala ezingaphansi kwesikhwama esixhasa izitshudeni ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), izinhlaka ezihlanganisa izitshudeni nabaphathi bezikhungo.
Lo mhlangano obungoLwesine ePitoli, bekuhloswe ngawo ukuthola isisombululo enkingeni ebhekene nezikhungo, izitshudeni nezinye izinhlaka kulolu hlelo lwalesi sikhwama ngezindawo zokuhlala ezikhungweni.
Umlawuli wesikhashana weNSFAS, uMnuz Mr Freeman Nomvalo, uthe babize lo mhlangano ngenxa yezikhalazo sezitshudeni ezithinta ukuphepha lapho zihlala khona nezingqinamba omastende abahlangabezana nazo.
Uthe omastende bakhale ngokungakhokhelwa kanjalo nokuphuza ukukhokhelwa.
“Sivumelene ngokuthi kusungulwe ithimba eliyisipesheli elizobhekana nazo zonke izingqinamba ezithinta izindawo zokuhlala. Nginethemba lokuthi kuzobanjiswana ukuze kuxazululeke lezi zinkinga ngokushesha,” kusho uNomvalo.
Izinhlaka abehlangene nazo zifaka uMnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, inhlangano yabaphathi bamanyuvesi i-Universities South Africa (USAF), eyabaphathi bamakolishi amakhono amaTVET i-South African Public Colleges Organisation (SAPCO).
Abanye yilabo abamele imikhandlu yezitshudeni emanyuvesi i-South Africa Union of Students (SAUS), emele izitshudeni emakolishi i-South African Technical Vocational Education and Training Student Association (SATVETSA), eyabahlinzeka ngezindawo zokuhlala ne-Development Bank of Southern Africa (DBSA).
UNomvalo uthe ziningi nezinye izinto abavumelene ngazo kulo mhlangano.
Zikhala mihla izitshudeni ezikhokhelwa yilesi sikhwama ngalolu hlelo lwezindawo zokuhlala njengoba zigcina sezilala endle ngenxa yokungakhokhi kwalesi sikhwama.
ISAUS isikhale kakhulu ngalolu hlelo yathi lwenza kube nzima satshe ukuthi izitshudeni zigxile ezifundweni ngoba zijikijelwa emnyango omastende ngoba lesi sikhwama singakhokhile.
Enye yezinto uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, ayalela uNomvalo ukuthi ayilungise indaba yezindawo zokuhlala izitshudeni.
UNzimande wathi izitshudeni akumele zize zikhathazeke ngokuthi akukhokhiwe, kodwa zigxile ezifundweni zazo.