USHONE ekhala ngomkhwenyana wakwakhe owesifazane obulawe ngokudutshulwa ekwakhe ngoLwesibili ebusuku nomzukulu wakhe. UNkk Zikhiphile Cele (70) waseMangidini eNkandla kusolwa ukuthi yena nomzukulu (3) okwembulwa kwembeswa kuye esibhedlela badutshulwe umkhwenyana wendodakazi yakhe ongusomatekisi elingafakwa kuye. Kulesi sigameko kusinde izingane ezimbili ezingamawele ezihlala nomufi. Amalungu omndeni aveza ukuthi emuva kwesigameko amaphoyisa afike esaphila uNkk Cele wasola umkhwenyana wendodakazi yakhe ngesigameko.
Indodakazi kamufi kuthiwa isekubhaceni kulandela izinsolo zokuthi umyeni wayo ubeyinenebule ngenduku yabaleka kodwa yangafinyelela ekhaya.
"Amaphoyisa aphezu kophenyo ngawatshele khona umakoti. Kuyimanje akekho, akaziwa ukuthi useyephi, sesibathintile nabaseThekwini ukuthi bamgade ngoba useyingozi. Sishaqekile asazi ngempela ukuthi kwenziwa njani uma kwehle lo mshophi," kusho ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa.
Yize umsolwa aziwa kodwa amalungu omndeni akhala ngovalo ngoba awazi ucabangani lapho ekhona, nokuthi uma emthola unkosikazi wakhe uzokwenzani ngaye. Ngaphandle kwalokhu leli phephandaba lithole nokuthi umsolwa ubebekwe nelinye icala elibucayi enduneni elithinta amalungu omndeni. Leli cala yize umndeni ungalidalulanga kodwa uvumile waveza ukuthi bekulindwe uDisemba sebephelele bonke ekhaya.
"Bekuzoyokhulunywa enduneni ngoDisemba ngalokho kodwa angazi kahle ngokuphathelene nako ngoba bekungakaqulwa. Indaba yokuhlukumeza into ebilokhu ivela kodwa kusho ukuthi nonkosikazi wakhe ubengathandi mhlawumbe ukuhlala ebikele unina. Ukubaleka kwakhe angezi ekhaya bekukhombisa kona ukutti ubengathandi aphatheke kabi, ngicabanga ukuthi ngezinye zezinto ezivele zamdina uma engamfici ekhaya unkosikazi wakhe ngoba ubezitshela ukuthi ubhace khona," kusho ilungu lomndeni.
Isifiso somndeni ukuthi kutholakale umsolwa aboshwe bese kusinda nengane esesibhedlela.
Amaphoyisa esifundazweni KwaZulu-Natal asiqinisekisile lesi sigameko. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala eqinisekisa isigameko, uthe kuvulwe amacala amabili elokubulala nelokuzama ukubulala. "Badutshulwe umsolwa owaziwayo, owesifazane osekhulile ushonele endaweni yesigameko bezama ukumelapha. Ingane iphuthunyiswe esibhedlela iyothola usizo lwezempilo. Amaphoyisa athungatha umsolwa," kusho uLt Colonel Gwala.