BANUKANA bodwa othisha baMsizeni Combined eTugela Ferry, eMsinga, izigebengu zintshontsha u-R42 000 westokofela abebesidlala namakhompyutha esikoleni. Kuthiwa izigebengu zibophe unogada wesikole izandla nezinyawo ngezintambo zezicathulo, zamvalela kwelinye igumbi.
Lesi sigameko esenzeke ngesonto eledlule, kuthiwa izigebengu ezine ebezihlome ngemimese nesibhamu zigasele kulesi sikole esiseMsinga ebusuku, zabamba unogada zamvalela kweliye igumbi emva kokumshaya nokumbopha.
Kuthiwa zithathe amakhompyutha awu-12 nama-laptop amane okuyimpahla yesikole. Kuvela ukuthi zidlulele endaweni obekugcinwe kuyo imali yothisha ewu-R42 000 yesitokofela abebesidlala, bebolekisana ngayo.
Umthombo osondelene nalesi sikole ongathandanga ukudalulwa, uthe kunezinsolo zokuthi kukhona uthisha obajikele wathumela izigebengu ukuthi zigile lo mhlola.
“Angiboni ukuthi izigebengu zingene esikoleni ngoba zifuna amakhompyutha, kodwa kuyacaca ukuthi bezizolanda imali. Beyihlala esikoleni, betshelekisa ngayo, kodwa kuthe sebeyiqoqile ngesonto eledlule besazoyihambisa ebhange, cishe ngenxa yokuthi bekuphakathi nezinsuku kusetshenzwa, kwaphoqa ukuthi isale ikhiyelwe egunjini okuhlangana kulo othisha nakho ke sekungena abantu sebeyishaqa,” usho kanje.
UNksz Nelisiwe Thusini owusihlalo wesigungu esengamele isikole, uthe ukuntshontshwa kwempahla yesikole, kubaphazamisile kakhulu abafundi nothisha.
“Umsebenzi wabafundi omningi ugcinwe kwamanye amakhompyutha antshontshiwe. Kusale amathathu kuphela, nakhona kusho ukuthi imoto ebihamba izigebengu beyisigcwele. Sihlanganile nabazali nothisha ukudingida lolu daba, siphakamisa ukuthi okungenani kulekelelwane kuthengwe ikhompyutha eyodwa ezolekelela abafundi. Abazali abayizwanga kahle leyo, ngakho ke sizohlanganisa nothisha sibone ukuthi senzenjani,” kusho uNksz Thusini.
Elandisa ngabakutshelwe ngunogada wesikole, uthe kwakungo-1 ezintatha, ngesikhathi ebona abesilisa abane becusha esibhobeni, othangweni lwesikole. Ukuphazima kweso, unogada uthe basondela kuyena bamkhomba ngesibhamu bemsabisa nangokumgwaza. Uthe emva kokumbopha nokumshaya, sebehambile, unogada wazama ukumemeza kodwa kwangekho omzwayo wagcina ekwazile ukuvula isicabha ngesilevu. Wahamba egxuma waze wafika emzini osondelene nesikole elimele ekhanda.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMsinga aphenya icala lokugqekeza.