KUSOLWA imbawula ngokusha kwemijondolo yaseClare Estate, eThekwini, ngoMgqibelo, kwasala dengwane abahlali abaningi. Kushaye isikhathi sokuloba singakatholakali isibalo semijondolo eshe ngoMgqibelo ebusuku kodwa abahlali bathi ingaphezu kuka-50 eshile. Kusolwa abanye abahlali okuthiwa bebezifudumeza ngembawula ngokusha kwemijondolo. Izolo ekuseni abanye abahlali abashelwe yimijondolo bese beqalile ukuyivusa njengoba abanye belale komakhelwane.
UMnuz Nhlonipho Kweqela, ongomunye wabashelwe umjondolo, uthe ngenhlanhla akekho obephakathi ngesikhathi kusha. Uveze ukuthi bekungo-9 ebusuku ngesikhathi etshelwa ukuthi kuyasha endlini yakhe.
“Kusize ukuthi bengisemsebenzini nomuntu engihlala naye esavakashile. Ngifike sekushe yonke impahla, ngasala nezingubo ebengizigqokile. Sisola ukuthi umlilo udalwe yimbawula ngoba kuthiwa kunabafana abebeyibasile bezifudumeza,” kusho yena.
UKweqela uthe ukhoseliswe omakhelwane abangashelwanga ukuze akwazi ukulala ebusuku ngoMgqibelo. Ngesikhathi eshayelwa yiphephandaba izolo uthe usazoyozama enye indawo azofihla kuyo ikhanda.
UNksz Thabisa esingatholakala isibongo sakhe, uthe ushelwe yizimpahla kulesi sigameko. Uthe emuva kokusha kuhambe ngisho ugesi njengoba kushe nezintambo zawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bazwile ngesigameko sokusha kwemijondolo kodwa alikho icala elivuliwe.